UZIPHENDULELE osolwa ngokuhlukumeza ozakwabo abebezokwenza inhlolokhono yeBlack Brain Pictures, ngempelasonto edlule eBat Centre, eThekwini.
UNompilo Mwelase, olingisa indawo kaNokuthula kwiSkeem Saam, usolwe ngabalingisi abaningi ngokubahlukumeza ngesikhathi engomunye wabahluleli benhlolokhono.
Omunye wabakhale ngempatho kaNompilo, ngumsakazi weKhwezi FM futhi ongusomahlaya, uSimthande "MakaThangithini" Myeza.
UMakaThangithini ubhale ekhasini leFacebook ukuthi ugcine esezivalele endlini ekhihla isililo ngemva kokuphoxwa esathi ugibela esteji kwinhlolokhono.
Uthe ubengakawuvuli nomlomo ukuze aveze ikhono lakhe kepha kwathiwa “sesibongile, akuze omunye”.
“Ngiyazi ukuthi ukuchithwa kwinhlolokhono kuyingxenye yalo mkhakha wokulingisa kodwa bengiqala ukuphoxwa phambi kwabantu ngalolu hlobo... Bakwethu sengimubi ngalolo hlobo yini ukuthi nginganikwa ngisho ithuba lokuthi ngivule umlomo?” kubuza uMakaThangithini.
Emuva kwalokho abantu abambalwa okubalwa nosaziwayo, banikele emakhasini kaNompilo, maqede bashiya abangalazi.
Eziphendulela uNompilo uthe abantu badinga ukusebenza ngokuzikhandla ukuthuthukisa amakhono abo.
"Angikwazi ukuba nabaphathi abanganeme ngezinga lomsebenzi wami ngenxa yokuzama ukujabulisa abantu."
Uthe bekunejaji ebelihlunga abantu abadlulisile ngoba kukhalwa ngokuthi udlulise amabhimbi.
"Ngeke ngidikibaliswe ukuphawula kwabantu. Njengomlingisi ngisebenze kanzima ukuthi (ngeke) ngingakwazi ukubona omunye umlingisi. Ngisebenze noMandla N iminyaka emine ukuthi ngingazi ukuthi udingani. Kule ndima uma uzoza ngenhliziyo uzoshesha udikibale. Kade kwasa sichithwa kodwa asikaze sizonde noma sidelele abantu ngokwenza umsebenzi wabo kodwa kunolokho sisebenza kanzima,"kuphendula uNompilo.
Umlingisi weMy Brother's Keeper noZalo, uWiseman Mncube, uthe uma umuntu ekubizele kwinhlolokhono kumele akunikeze ithuba lokuba uveze ikhono lakho, ngisho ngabe awubukeki njengomuntu omdingayo.
Uthe lento yokuthi nawe uke wathwala kanzima kufanele iphele ngoba lokho kusho ukuthi buyakhuthazwa ubuhlungu.
"Khumbula ukuthi emuva komlingisi owenza inhlolokhono, kunomuntu. Ngakho nikeza lowo muntu ithuba lokuveza lokho obukhangisile ukuthi uyakudinga," kuphendula uWiseman.
Umphathi wenkampani eqopha imidlalo yethelevishini, iBlack Brain Pictures uMandla N, uthe noma ngabe unekhono elingakanani kwezokulingisa kodwa uma singakafiki isikhathi sakho ngeke ulithole ithuba.
Uthe uyakuqonda ukuphatheka kabi kukaMakaThangithini kodwa ubona ukuthi bekungesona isikhathi sakhe.
“Kunabantu abanekhono eliyisimanga kodwa uma idlozi lingakakugideli awulitholi ithuba. Uma sekufike isikhathi sakho izinto ziyazenzekela,” kusho uMandla N.