UMLINGISI wodumo kwiRhythm City, neGenerations, uSiphiwe "Spijo" Mtshali, ukhuza ibuya kwezethelevishini emuva kokudla imbuya ngothi iminyaka emine ngenxa yokungaqashwa.
USiphiwe odume kakhulu enguBash noZamani, uthe uzobonakala maduze kwiMoja Love, ethula uhlelo iBlast From The Past.
Ekhuluma kwiHappy Dayz on Podcast, uSiphiwe uthe ohlelweni olusha uzobe exoxa kabanzi eshashalazini nabantu abake baduma eminyakeni eyedlule.
Uphawule kanje ngohlelo uSiphiwe: "Uyababona laba bantu enithi anisababoni, bawile, banezinto abamatasa ngazo empilweni. Sengimenzile uSbu MaLawyer. Bengenza u-Amstel. Bengingazi ukuthi ungumpheki wokudla okuconsisa amathe. Unendawo enhle yokulala eyiB&B."
Uthe akakazi ukuthi uhlelo luzoqala nini ukusakazwa ngoba basashutha. "Uhlelo luveza okuhle ngempilo yabantu abamnyama. IBlast From The Past iyeza."
Losaziwayo uveze ukuthi uhleloolwaluthi Ba Kae (Bakuphi), lwaluwumqondo wakhe yize lwasakazwa kuSABC 2. Uthe akafuni ngisho ukuzwa ngeBa Kae ngoba kwadliwa amandla akhe.
USiphiwe, oqale ukuduma esethula iYoTV, neJam Alley kuSABC 1, uthe uke wabhuquza ekhaya iminyaka emithathu, ondliwa ngumkakhe. Uthe indlala imqale ngezikhathi zeCovid-19 emuva kokulingisa kwiSono.
"Kunento abantu abangayazi ngale ndima. Ukuthi akuna-UIF, ne-medical aid. Uma ugcina umdlalo namhlanje, nanoma yimalini esikhwameni usebenzisa khona, uma ingekho obuyongile. Beyingekho imisebenzi. Bekunzima. Njengoba ngishilo ukuthi nginezingane ezinhlanu, abafana kuphela ziyadla lezi zinto."
Uthe cishe iminyaka emithathu noma emine engenzi lutho.
"Kuyasiza ukuba nomfazi. Ube nophathina ozokweseka. Abantu abaningi bahlukene ngezikhathi zeCovid-19. Thina sihlangabezene nobunzima."
USiphiwe uthe okubi ngomsebenzi wokulingisa ukuthi kwazi wonke umuntu uma uphela. Uthe akasazifuni izindawo azokufa kuzo ngoba njalo uphelelwa wumsebenzi ngenxa yokubulawa kwendawo ayilingisayo.
Yize ekuthanda ukulingisa nokwethula izinhlelo kodwa uthe angakujabulela ukuthola uhlelo angalusakaza.
"Ngikuthanda kabi ukusakaza," kusho uSiphiwe, osebuya nakwiJozi FM.
Uqhube wathi usanda kusungula inkampani nomkakhe iZigi Movement esanda kudidiyela ngePolyandry esiteshini seTV, iG.U.N. Uthe babheka ukuthi kungabanjani uma abantu besifazane sebenesithembu. Yize kunjalo kodwa uthe kusenzima ukuthi abantu abamnyama bathole imisebenzi yokudidiyela izinhlelo.
"Kufanele ube yisichuse noma usebenzisane nomlungu ukuze umsebenzi wakho uthathwe."
Eminye imidlalo aseke wabonakala kubalwa iRedemption, Uhambo neFalakhe.