UKUBULAWA kwamakhansela namalungu omphakathi nokucekelwa phansi kwengqalasizinda ngezinye zezigameko ezikhuzwa ngefilimu esihloko sithi Penelope: Beacon of light in the Darkness.
Kunalokho lo mdlalo, okulindeleke ugcine sewukhonjiswa kuSABC 1 ngokuhamba kwesikhathi, ususa abantu inkungu yokungazi ngamalungelo abo, bese ubagqugquzela ngokuphuma ngobuningi babo bayovotela uhulumeni othandwa yibo ngoMeyi 29.
Le ntandokazi yefilimu enohlonze yethulwe ngokusemthethweni emphakathini emcimbini obuse-Indoor Sports Centre, eMelmoth ngempelasonto.
Kubalingisi abadlala izindawo eziqavile kubalwa uNoxolo Dlamini noNondumiso Dladla
Kosaziwayo abebehambele lendumezulu yomcimbi kubalwa abalingisi bomdlalo wethelevishini Isiphetho The Destiny ku-e.tv, uPastor Mjosty noHlengiwe Mavimbela obenguHlomu kwiThe Wife, usomahlaya uSimunye Church Boy nababambe iqhaza kule filimu.
Umbhali nomqondisi wale filimu edidiyelwe ngokubambisana phakathi kweKH Films neTwo Grounds Holdings, uSiphakamiso Gumede, uthe ngePenelope babuye baqwashise amalungu omphakathi ngokucekela phansi ingqalasizinda uma enezimfuno zentuthuko.
Uthe bayaziqhenya kakhulu ngoba ngale filimu bakwazile ukwakha amathuba emisebenzi emalungeni omphakathi wasezindaweni ezingaphansi kukaMasipala waseMthonjaneni.
"Asigcinanga ngamathuba emisebenzi kodwa ngikwazile ukuvumbulula ikhono eMthonjaneni. Yingakho sesihlele ukuvula isikole sokuqeqesha amaciko asafufusa.
“Lokhu sizokwenza ngokubambisana noMasipala waseMthonjaneni ukuze abantu, ikakhulukazi intsha yakule ndawo ikwazi ukufezekisa amaphupho ayo," kusho uGumede.
USiphakamiso utuse kakhulu abaholi balo masipala, ikakhulukazi iMeya uMbangiseni Biyela, yisikhulu esisophikweni lwezokuxhumana, uNonkonzo Khali nesisophikweni lezokuvakasha uThando Mhlongo.
Oyisikhulu esiphezulu kulo masipala, uZipho Mthethwa uthe bakhethe ukuba kube nale filimu ngenhloso yokufundisa nokugqugquzela umphakathi wabo ngokuvota.
Uthe bebekubeke phambili ukuthi abantu abasha bahlomule ngolwazi nangamava namathuba emisebenzi.