ABASHADIKAZI abaqale ukugqama ohlelweni oluthi Forever Maybe, bazophinde babonakale ohlelweni olusha kuMzansi Wethu (163) oluthi Sakha Umendo.
Lolu hlelo luzoqala kulesi siteshi kusuka ngo-Okthoba 15, ngo-8 ebusuku.
Kulokhu ngeke kubonakale izithandani ezine kuphela kodwa kuzobonakala ezimbili, ezizozama ukulungisa izinkinga ezisaqhubeka ebudlelwaneni bazo.
U-Anelisa noSkhumbuzo, noJoy benoThabo, bazokhombisa ababukeli ukuthi izinkinga ababenazo kwezothando ohlelweni olwedlule sezikuphi.
Bazovezela abalandeli babo ukuthi sebehambe ibanga elingakanani kusukela ohlelweni olwedlule, kuze kube manje.
UShirley Adonisi wakwaM-Net, uveze ukuthi kubajabulisile ukwenza kahle kohlelo iForever Maybe, babona kungcono ukuthi baqhamuke nolunye kodwa oluzobe luphethe izithandani ebezike zabonakala.
“Sijabule ngokuthi siphinde sibe nohlelo lwalolu hlobo ngoba okumele kwazeke ukuthi lungasizi nje abasuke bekulona, bezama ukulungisa izinkinga zabo. Kodwa kumele lusize ngisho ababukeli balo abasemishadweni, nabathandanayo nje.
“Imindeni emibili esizoyibona owakwaMngomezulu, nowakwaLetlala, izositshela ukuthi yasizakala kanjani ohlelweni esisuka kulo nokuthi njengoba isibuya manje izofuna luphi usizo,” kuchaza uShirley.
Uthe uthando luka-Anelisa noSkhumbuzo selube nezinkinga eziningi kodwa ababukeli bazobona okwenzeka manje.
“Manje lezi zithandani sezisukile edolobheni, lapho bezihlala khona, sezihlala emakhaya eHluhluwe. Ukungethembani, ukulungisa amaphutha asala engalungile, ukwenza umshado wamaphupho abo nokunye okuthinta imindeni yabo, yikhona okuzogqama kakhulu manje.
“UJoy noThabo banezingane ezincane, izinkinga zemali, izimpi ezingaxazululiwe zemindeni nokuqhelelana yikhona abazobhekana nakho kakhulu manje njengoba besanda kuthola nendodana,” kuchaza yena.
Uthe ababukeli umbuzo okumele babe nawo wukuthi ngabe lezi zithandani zizogcina zikwazile yini ukushada, ekupheleni kohlelo?