UMA ebonakala ekuthokozela asuke ekwenza eziqeshini zocansi emidlalweni wethelevishini othathe abaningi iThe Wife, usuke eqale wathwala kanzima kuqoshwa.
UMondli Makhoba odume kwiThe Wife ngoNkosana Zulu ophinde abizwe ngoBhut’ omdala, abantu bazitshela ukuthi kwakumnandi elingisa ukuzitika ngocansi noKhanyi Mbau, obewuZandile kulo mdlalo. Uthe ngendlela okuyinselelo ngayo ukulingisa ucansi, kungakubulala noma kukukhuphule njengomlingisi.
“Uma ngabe ungumlingisi, kuke kufike ithuba elibukeka liyinselelo, bese kuba kuwenjengomlingisi ukuthi ulithatha kanjani. Inselelo ekanjena iba kabili, isuke izokubulalanoma izokwakha ngokomsebenzi njengomlingisi. Kusuke kumele abantu ababukelayo bakukholwe ukuthi uyalujabulela lolo cansi,’’ kusho uMakhoba.
Eqhuba, uthe le nselelo wayithatha njengethuba lokufundisa amadoda ukuthi kubalulekile ukwanelisa umuntu wesifazane kwazise aziziningi iziqephu emidlalweni yethelevishini ezikwazi ukufundisa amadoda ukuthi umuntu wesifazane “unenjwa” kanjani.
“Ekugcineni indoda kufanele imanelise umuntu wesifazane. Indoda kufanele ibumele ubudoda bayo. Eqinisweni lilonke lesiya siqephusiveza ingxenye yempilo ekhombisa ubudoda bangampela. Umuntu wesifazane uma engajabule, ugcina enza izinto ezithile. Ungamnika yonke into kodwa uma leya ngxenye yempilo ungamnikezi ngeke ajabule”.
Lo mlingisi uveze ukuthi umdlalo iThe Wife, ube ngomkhulukazi empilweni yakhe selokhu aqala ukulingisa. Ubeqala ukuthola inkontileka yamasizini amathathu, nokuyinto athe imsize kakhulu ukubhekana nezinselelo zempilo nyanga zonke. Uphinde wachitha amahlebezi asabalale ezinkundleni zokuxhumana okuthi uzolingisa kwiBlack Panther, ukuvala isikhala sikaChadwick Boseman.
“Noma kungesinye sezifiso zami lezo, kodwa cha akunjalo. Ngike ngayibona into enjalo, cha abantu nje abangifisela okuhle nababona umsebenzi wami ukufanele ukuthi ngithole ithubalokuyolingisa kwiBlack Panther,” kuphetha uMakhoba.
UMakhoba ube esebonga bonke abalandeli nabathanda umsebenzi wakhe. Abadidiyeli beThe Wife, abeShowmax nabeDStv ngokwenzalo mdlalo ubeyimpumelelo.