KUVELE okusha ngobengumbhali, engumqondisi wemidlalo yeshashalazi kuleli, uDkt Mbongeni Israel Ngema, ngesikhathi kunenkonzo yomngcwabo wakhe eNkosi Albert Luthuli ICC, eThekwini ngoLwesihlanu.
Okhulumela ibandla lamaNazaretha, ohlangothini lwaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe uNgema ubeyilungu lasohlangothini oluholwa wumholi uMduduzi "Unyazilwezulu" Shembe.
Uthe obekwenza uNgema asondelane nebandla lakwaShembe wukuthi uyise, uMnuz Abraham Ngema, wayengabatholi abantwana, kwaze kwaphoqeleka ukuba ayomcela kumholi wakwaShembe.
Eqhuba uMncwabe uthe esezaliwe uNgema kwatholakala ukuthi isandla sakhe sikhubazekile ngoba sasigoqene.
"Waphinda wayiswa kwaShembe, yafike yathi iNkosi (JG Shembe) Ilanga isandla kasinankinga kodwa (ukugoqana kwaso) kuchaza ukuthi uzalwe efumbethe."
UMncwabe uthe uNgema uhambe ekhathazekile ngokuhlakazeka kwebandla lamaNazaretha, kangangoba waze wafuna ukwazi ukuthi yini engenziwa ukuhlanganisa zonke izinhlangothi.
UMncwabe uthe wamtshela uNgema ukuthi uMqaliwendlela (Mphrofethi Isaiah Shembe) waphrofetha ukuthi ibandla liyobuye lihlakazeke kodwa lisazobuyelana libe linye.
Esephetha uMncwabe uthe uNgema ushone esanda kumthuma kodwa wathi ngeke achaze ukuthi wayemthumeni.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi uNgema ubefuna ukwenza umdlalo ngomlando woMqaliwendlela nebandla lakwaShembe.
Kuchazeke abaningi besifazane ngesikhathi uMncwabe egqugquzela abantu besilisa ukuba baphathe kahle abantu besifazane, bangababulali futhi babanikeze amakhadi asebhange no-pin bawo.
Umsunguli womkhokha:The Curse, uMandla Kanazulu, uthe uNgema wahlukumezeka futhi walahlekelwa kakhulu ngodaba lweSarafina 2 eyayixhaswe wuMnyango wezeMpilo, owawuphethwe wuDkt Nkosazana Dlamini Zuma ngo-R14 million.
Ingwazi yomculo we-Afro pop, uSello "Chicco" Twala, iqale yakhala ngobutha osebukhona phakathi kwamaciko nezikhulu zikahulumeni futhi yanxusa ukuba ubudlelwano babo bufane nangezikhathi zobandlululo.
Uthe yena wasebenza kakhulu noNgema ngesikhathi kusabhoke udlame phakathi kweNkatha ne-UDF (ANC).
"UNgema, uDuma KaNdlovu nami senza ingoma yoxolo ngoba uNgema ubebakhathalele abantu, ikakhulukazi abamnyama." Unxuse uhulumeni ukuba ahloniphe uNgema ngokuqamba isikhungo sezobuciko eThekwini, iPlayhouse ngegama likaNgema ngoba nguye noMzwakhe Mbuli abalwela inkululeko bengaphakathi futhi bengawasabi amaBhunu.
Uthe nguNgema noMbuli abagqugquzela abaculi abanjengaye, uBrenda Fassie noYvonne Chaka Chaka ukuba nabo bacule ngokukhululeka ngobandlululo.
Phakathi kwabaholi abebehambele inkonzo kubalwa uMnuz Abu Ndebele, Dkt Zweli Mkhize, Mnuz Bheki Cele, Nkk Nomagugu Simelane, Dkt Nkosazana Dlamini Zuma, nabanye.
Kosaziwayo bekukhona uMbuli, Ihhashi Elimhlophe, Ebony, Somizi Mhlongo, Babe Cele, Leleti Khumalo, Black Mose, Langalakhe Zwane nabanye.
Yize uNgema ehambe enganeme ngohulumeni we-ANC kodwa uNkk Simelane, oyiPhini likasihlalo wale nhlangano e-KZN, uthe bazimisele ukufeza iphupho lokuthi kuqanjwe iPlayhouse ngegama likaNgema noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuleli, uMnuz Zizi Kodwa, uthe uke wakhuluma ngokuthi kuhlonishwe uNgema ngesichuse esizobekwa phambi kwePlayhouse, noma kuqanjwe ngaye iPlayhouse Opera Theatre
Kusukume yonke indlu sekunandisa ababelingisa emidlalweni eyakhiqizwa wuNgema, okubalwa kuyo iSarafina neLion of the East.
Izithameli zenkonzo ziduduzwe ngomculo ngaMambazo, Ringo Madlingozi nabanye abaculi.
UNgema, oshone engozini yemoto e-Eastern Cape ngoLwesithathu, ushiye emhlabeni umkakhe, indodana nezingane zakubo nabazukulu. Ubekwe endaweni yamaQhawe eRedhill, eThekwini izolo.