UMUKELWE ngenhlokomo umlingisi okhuze ibuya kuMuvhango emuva kokuhamba ngendlela engaqondakalanga kulo mdlalo ngo-2020, uBuhle Samuels.
Ngesikhathi uBuhle ephuma kuMuvhango, kwaba nezinkulumo ezihlukahlukene.
Abanye omanalapha-ngikutshele bathi uxoshiwe ngoba ubesezitshela futhi edelela abaphaqulayo kanti abaye babethi uzishiyele ngenxa yokucikwa ngozakwabo abamumonelela ngenxa yempumelelo yakhe.
Izindaba zokubuya kukaBuhle zidalulwe emithonjeni yezindaba nguNdumi Zungu, ongumxhumanisi walo mdlalo nabezindaba. UBuhle uqale ukuvela kwisizini entsha ka-25 ngoLwesine. Kwenzeka lokhu nje, kuke kwasabalala amahlebezi abethi iSABC isikaza ngejozi lo mdlalo ngoba kukhalwa ngokwehla kwezinga kuwo kodwa le nhlangano yezokusakaza yaphika yalala ngomhlane.
Okwakwenza abantu basole ukuthi lo mdlalo uyaqedwa ukuphuza kukaSABC ukuvuselela isivumelwano sabo nenkampani ekhiqiza lo mdlalo, iWord of Mouth.
UBuhle ubuyiselwe ukuzobanga ukushisa ukuze kube nesasasa kulo mdlalo. Omunye umlingisi okhuze ibuya nguSydney Ramukuwela ozoqhubeka nendawo kaMulalo.
Kwabasha kubalwa umculi wekwaito obekwiScandal! uTshepo Mosese, ozodlala indawo kaManditi, uDikeledi Netshitangane ozoba nguMudi Mudau noTshililo Netshitangane ozoba ngu-Aubrey Mmakola.
UNdu uthe kuSeason 25 ababukeli abalindele iziqephu ezihlabahlosile ezizobenza bangasuki phambi kwamathelevishini.
“Kulama-season adlule, sinikeze ababukeli yonke into kusukela enjabulweni, ezinyembezini kuya olakeni. Manje sibabuyisela emuva lapho lomdlalo usuka khona ngenhloso yokukhumbuza ababukeli ukuthi kungani sisalokhu siyibambile insimbi ishisa kule ndima.”
Ephetha, uthe ababukeli abalindele ukujabuliswa ngezindaba ezintsha, uthando olusha nezigameko eziyingwijikhwebu ezizokwenza ababukeli bahlale ngesinqe esisodwa ezihlalweni.
*UMuvhango ukhonjiswa kuSABC2 phakathi nezinsuku ngo-9 ebusuku.