KUMSHUBELE umrepha ongumethuli wohlelo i-Uyajola 9/9 kuMoja Love, uMolemo "Jub Jub" Maarohanye njengoba esemiswe kuzona zonke izinhlelo azethula kulesi siteshi. Lokhu kulandela ingxoxo ayenze kuleli sonto kwiPodcast and Chill with MacG, engehlanga kahle kumlingisi wodumo lweSkeem Saam, u-Amanda Du Pont.
UDu Pont udalule ukuthi uJub Jub wayemdlwengula futhi emhlukumeza iminyaka emibili ehleli naye. Uze wasabisa ngokumfaka enkantolo ukuze ajeze ngesenzo sakhe.
IMoja Love izolo ithe ithathe lesi sinqumo ngoba ingahambisani nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
Ekhuluma ekhasini lakhe kwi-Instagram, u-Amanda uthe, waze wakhulelwa maqede wasikhipha isisu emuva kokudlwengulwa nguJub Jub.
"Ngasikhipha isisu ngoba ngangingeke ngibe nengane engiyithole ngidlwengulwa. Okubuhlungu kakhulu kukho konke lokhu ngangiseyintombi nto, futhi ngamtshela ngaleso sikhathi. Ngamtshela uJub Jub ukuthi ngangifuna ukubugcina ubuntombi bami ngoba ngangihlele ukuba yintombi kuze kufike isikhathi sokuba ngishade,“ kuphendula u-Amanda.
Uchaze uJub Jub njengomuntu obelinda abantu azobadlwengula ngoba ubeba nesizungu. "Ubengidlwengula ekhaya. Ngiyakhumbula ngolunye usuku kunezingane zakithi zingivakashele ziphuma esikoleni, wayekwenza lokhu zikhona endlini ukuze ngingahayizi. Ngifuna abantu bazi uhlobo lomuntu engangibhekene naye"
Yize uJub Jub ethe u-Amanda wamshiya ngoba ebone iphephandaba elalinesithombe sikaJub Jub nonina wengane yakhe, uKelly Khumalo.
Eziphendulela u-Amanda uthe, ngamampunge lawo kodwa wamshiya uJub Jub ngoba wasuke wazama ukumbulala ngokumklinya.
"Ngangihlale ngisaba ukumshiya ngenxa yezinsongo ayezenza ngaleso sikhathi ayezama ukungibulala khona."
Eqhuba u-Amanda uthe iphutha alenza ukungakhulumi ngalezi zigameko ngenxa yokuthi wayesaba unina kaJub Jub ngoba wayeyingozi futhi esebenzisa imithi.
"Kodwa kufike ekugcineni manje. Angisoze ngaphendulwa inhlekisa emphakathini yisigebengu."
U-Amanda unxuse nanoma yimuphi ummeli ukuba amsize ukuze abhekane ngomthetho noJub Jub.
Owayengumsakazi kwiMetro FM, osekhulumela uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuleli, uMasechaba Khumalo, naye usephumele obala wathi wadlwengulwa nguJub Jub.
“Ngiyamkholwa u-Amanda du Pont. UMolemo Maarohanye (Jub Jub) wangidlwengula nami. Lokhu kwenzeka emzini kaMama Jackie eNaturena. Wayeyisoka lami. Ngangiseyitshitshi,” kuphetha uMachaba.
Indaba iqale ngesikhathi kuvela amazwibela engxoxo kaJub Jub noMacGyver "MacG" Mokweba ohlelweni olusakazwa kwiYouTube nakwiChannel O, lapho uJub Jub edalule ukuthi u-Amanda wamshiya ngenxa yomuthi kaKelly. Uveze nokuthi wayekipitile no-Amanda iminyaka emithathu ngesikhathi esafunda e-Afda.
"Wonke umuntu uyazi ukuthi uKelly usebenzisa umuthi futhi ngicabanga ukuthi wawusebenzisa nakimi ukuze ngihlale naye," kusho uJub Jub, ekhuluma ngoKelly.