UZALO
Ngo-8.30 ebusuku, kwiSABC 1
ULILLY kwala kancane ukuthi abanjwe kodwa ekuleso simo uthola izindaba ezimnandi ezithinta icala lakhe. USbu ufuna ukwenza iqiniso empilweni kaHlelo. UNkunzi uthembisa ukuhlala futhi abuyise konke okubalahlekele. Kukhona into eyenzekayo futhi kuvela imfihlo kaHlelo. Umsebenzi uphoqa ukuthi uNkunzi ahambe KwaMashu. USbu (Simphiwe Majozi) utshela uHlelo ukuthi aqoqe izimpahla zakhe ahambe. Abesifazane abadiniwe bakhiphela intukuthelo yabo kuHlelo.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku, kwiSABC
NGEMUVA kokusebenzisa budlabha imali kaMulimisi, uShaz uzitholela into ezomenza ajabule, futhi uthola indlela yokuzikhipha obishini akulo. Izinhlelo zeholidi likaTenda, Mpho, Azwindini noLinde ziqala kahle kodwa ziphela sekuhlukanwa ngezindlela. URendani ubona umuntu amthandayo. Izinto kazimhambeli kahle uKhumo. URendani uthola ukuthi uLefatse ube sengozini wadutshulwa, yingakho engafikanga emhlanganweni akade benawo. ULindelani noMpho baba nengxoxo ekhethekile ethinta ubudlelwane babo. ULefatshe ubuyela emsebenzini, yize elimele. Uma uMpho eshelela elimala, izinsolo zibheka kudadewabo uLindelani. Ziyaqhubeka nokungahambi kahle izinto empilweni kaShaz njengoba eqolwa ezinkundleni zokuxhumana.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku, kwiSABC 1
AMANTOMBAZANE enza sengathi avumelana noMpho ukuze angakhombisi ukuthi kawahambisani naye. UTau okokuqala kuba khona lapho ethatha khona uhlangothi, futhi uqamba amanga kowesifazane akade emthanda. Izinsolo eziqhamuka ngaphandle, ziphoqa abesifazane abangebona abangani ukuthi basebenze ngokubambisana. UMbali kuyaphoqeleka ukuthi alisebenzise isu lakhe uma uNdalo efika. ULucy akulula ukuthi akhohlwe futhi axole, ngaphandle uma kukhona athenjiswa khona. UTau akakhombisi ukuzijabulela izindlela ezinhle ezikhonjiswa uPele. UFikile noSphe bathola izinto ezifanayo ngabo futhi lokho kubenza basondelane nakakhulu.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku, kwi-e.tv
UNQOBILE uthola imfihlo ekade ingaziwa muntu. UCee-Jay kuyamphoqa ukuthi kube nguye omdala uma abantu abadala kuye beziphatha njengezingane. UTebello noNqobile bazithola besenkingeni. Umama kuyamphoqa ukuthi azibuze ngothando analo ngezingane zakhe ezimbili. Ingabe uMdala usekhethe ukuthola enye indlela yokuphila? Owesilisa udiniwe njengoba enomuzwa wokuthi kukhona ongenzi ngendlela emndenini wakhe, akade emethemba ukuthi ngeke enze okubi kuye. Owesilisa ukholelwa ekutheni impilo yakhe isengozini, uveza ulwazi olubucayi ngoDintle (Mapaseka Koetle). UTaps ungena ezindabeni okungamele angeke kuzo.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku, kwi-e.tv
USOKA uba nemicabango ngokuba negciwane lengculazi futhi uthethisa uSandile. UZanele uya kuDorothy noNkosi ukuze abacele bamphelezele ayolanda izimpahla zakhe lapho kuhlala khona uZola. Bobabili bagcina bematasa futhi uZanele ugcina ehamba eyobona uZola yedwa, okugcina ekubona njengephutha. UZola uveza uthando analo ngoZanele kodwa ingxoxo yabo kayihambi ngendlela uma enqaba ukuhlala. UFaith uqinisekisa uZanele ukuthi angazisoli futhi akekho ozombeka iphutha ngokwenzeka kuZola. U-Ona noMolefe banikeza ikhasimende labo lokuqala ingubo engaphelile.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku, kuMzansi Magic
UYAMVIKEKA uBulelwa uThulani. UFundiswa uthatha isinqumo. Ingabe sizomenza aphunyuke? ULuzuko akakuvezi ukuthi wubani omdubulile. UNtando (Phila Madlingozi) ulwela uNontle ngesikhathi uFundiswa emala uMbube. Izinguquko ziyafika empilweni kaThulani no-Anathi. UNozuko uzithola esesimweni sokulahlwa. Into akade beyisaba isikhathi eside uZimkhitha noNozuko iyenzeka. UMsimelelo noFuneka baba nesivumelwano. UNontle uhlangana noThulani. UZimkhitha uzimisele ukugcina isikhundla akuso emndenini.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku, eMzansi Magic
AMADODA omkhandlu ayaboshwa. UNomkhosi uyahluleka ukudlula kuKhulekani njengoba efuna ukuba uMjudiya. UMaZungu namanye amakhosikazi ebandleni bacela uxhaso kuMkhululi omusha. UNokubonga uyamangala ukubona impimpi kaMaMzobe ifika izovakashela umphathi wayo. UNomkhosi akukho okunganyakazisa ukholo lwakhe. UDifa nomkhandlu bathatha isinqumo sokungawuhambeli umcimbi wokugcotshwa. UNobuntu odiniwe, ubuza uMaMzobe ukuthi ucabangani ngaye. UNdlovu uphika uMaMzobe izikhathi ezintathu. UKhulekani uyadinwa uma ethola uNomkhosi egqoke uMjudiya.