UZALO
Ngo-8.30 ebusuku, kwiSABC 1
ULILLY usala ephoxekile uma ethola okuncane kunabekulindele. UNonka usenkingeni uma kungatholakali ziphuzo esitolo sikaNontombi. UMbatha umphatha kabi uGabisile. USipho uzimisele ukushiya konke ukuze abhekane nothando lwakhe. Isinqumo sikaLilly sihlukanisa umndeni wakwaXaba. Izinsolo zikaSbu ziyakhula futhi uthembisa ukuqeda nganoma wubani owenza kabi empilweni yakhe. UNonka uyaliwina icala akade ebhekene nalo nezakhamuzi zaKwaMashu. UMaDongwe uvakashela uMondli, ukuze amcele ukuthi abuyise uLilly. Izinsolo anazo uSbu zenza abone izinto ezingekho.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku, kwiSABC
UDIDEKILE uRendani uma amaphepha akade enyamalele esewathola phezu kwetafula lakhe. USusan uya kuVho-Masindi uyokhuluma naye ngendlela engeyinhle ayemphethe ngayo esashade no-Azwindini. UVho-Masindi noVho-Makhadzi basola uSusan ngokufuna uDr Phathu. UKhumo uthola ukuthi uLefatshe ubulale ingoduso yakhe. Ujabule uRendani ngokwenzeka empilweni yakhe. Amandla okwelapha kaMulimisi ahambisa okomlilo wequbula futhi uVhangani ubona kungena imali. Abantu abadala bakaMukwevho babheka enye indlela yokubhekana nesimo sikaSusan. USusan uzizwa esesothandweni noDr Phathu kodwa uzama ukuwuziba lowo muzwa.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku, kwiSABC 1
WONKE umuntu umangazwe yimiphumela yokuhlolwa kukaMelokuhle. Ubungani obungabumbene kahle buyaqhubeka nokufadabala kakhulu. UMrekza akakhathazekile ngokuba wumsolwa omkhulu ofunwa ngamaphoyisa. UTau (Rapulana Seiphemo) akakuthathi kalula ukuthukwa womunye wabasebenzi. UKhumo usola uKarabo ngakho konke okuqhubekayo empilweni yakhe. UNkosiyabo akayijabuleli imiphumela yezinto akade ezenza. UMpho akajabule ngephoyisa eliphethe icala lokushaywa. UThemba uyavuma ukuthi izinto kazihambi kahle esikoleni sakhe esisha. ULucy uthola isimemo esimeza abuyele ezindleleni zakhe ezindala.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku, kwi-e.tv
UPHENYO lukaLinda luyaqhubeka nomkufaka engozini enkulu. Kubukeka sengathi zisekude ukuphela izinkinga empilweni kaCee-Jay. UDintle uyakuyeka akufisayo njengoba enezinto eziningi okumele azenze. Abantu abasondelene kakhulu bayajikelana kakhulu. Into yakudala ibaphatha kabi, umama nendodakazi futhi icishe ibafaka engozini. Umama uyafunga ukuthi uzoyigcina imfihlo yendodakazi yakhe kodwa uyayitshela ukuthi izinto zingaba zimbi kakhulu uma imfihlo ingaphumela ebantwini. Incwadi ayifundayo uMo, imshiya ethukile. UKhanyi-Jewel ufaka into emphatha kabi uDintle enhliziyweni yakhe njengoba eveza ukuthi uMo kukhona umuntu asejwayele ukuhlala naye.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku, kwi-e.tv
UFAITH ungena endlini kugcwele amapuleti afile. UZola (Kat Sinivasan) uqamba amanga njengoba ethi uwawise ngephutha amapuleti kodwa uZanele uyamvikela. UFaith kukhona akusolayo ukuthi kuyenzeka. UZola uncenga uZanele ukuthi angamshiyi ngoba uzofa ngaphandle kwakhe futhi lokho kumenza ahlale. USoka noSandile bangaphandle bayojabulela isikhundla sikaSoka. USoka ufika ekhaya nemoto entsha futhi utshela uSandile ukuthi kumele bayobukwa ngayo. UZola ubeka umbono wokuthi uZanele akahlukane aphele nomndeni wakhe ukuze aqhubeke ameseke.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku, kuMzansi Magic
UKHATHAZEKILE uZimkhitha ukuthi ukubuya kukaThulani kuzokhathaza uNtando kakhulu. UFundiswa ufuna uMbube azi ukuthi akayona intombazane kuphela kodwa ungowesifazane ozaziyo ukuthi ufunani. UFundiswa uthola ukuthi kungaphezu kokuthi uthole umyalezo wocingo ukuthatha inhliziyo yendoda. UThulani (Tembinkosi Ngcukana) uzimisele ukuthi enze uxolo, noma kungaba yingozi kangakanani. UNtando uveza uthando analo kumuntu wakudala kodwa akatholi umuzwa awufunayo. UThulani uyahamba uyobonana noLuzuko. UFundiswa utshela uMbube ukuthi yini ayifunayo. UNtando ukhetha uthando, yize abantu bengacabangani.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku, kuMzansi Magic
IBANDLA liyamangala ukuthi wubani obekwa ukuba yibamba ebandleni. UNtuthuko uyagula futhi odokotela abatholi ukuthi yini edala ukugula okumphethe. UDifa uyadinwa uma uNdoda embuza ngezimfihlo zomndeni. Ibamba-sihlalo sebandla lithatha indawo eliyifanele. USiphamandla usola ukuthi kukhona okwenziwe okungalungile ngokuhola ibandla. Ubudoda bukaDifa kukhona ababungabazayo futhi baba nemibuzo. UMaMzobe usebenzisa amandla asenawo. UMaMzobe ubhekana nabazama ukulwa naye. KUNGALINDELE muntu uNtuthuko uyalulama. UMaMzobe ufika nempi emzini wakwaMthembu.