UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwiSABC 1
UYANQABA uMondli uma uLilly esebenzisa izinsiza zikahulumeni ukuze kuzuze yena. UMzamo, kuba okokuqala ezwa ubuhlungu obusuka kuGabisile (Baby Cele). UNomkhosi ubhekwe umsebenzi omkhulu okumele awenze. UVusi ufuna ukuqeda ngesitha sakhe. Izinto azimhambeli kahle uFlavia njengoba abaxhasi bemshiya phansi. UNomkhosi noMaMlambo benza izinguquko ezinyakazisa abaningi endaweni yasemakhaya. UMbatha wenza isimemezelo esikhulu. UZamaswazi uthola ulwazi olumjabulisayo mayelana noNkuli. UMzamo ekugcineni ukhuluma iqiniso.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwiSABC2
ENGANAKILE uLindelani uveza ulwazi analo ngokuthi ukuphi uMpho. URudzanitshedzu ukhuluma into emangaza uVhangani. Uyaqhubeka uTendamudzimu nokufuna uMpho. UMulalo ukuthola kunzima ukufinyelela esinqumeni. UTenda uyacasuka uma ebona ukuthi kukhona umuntu osethathe uMpho ngaphambi kokuthi afinyelele kuye USusan uthatha uLuruli ukuze amvikele. ULindelani uyathuka uma ethola ukuthi uMpho akekho emndenini wakaMudau kodwa uhlezi nowakaRavele. UTendamudzimu uya emaphoyiseni uyowaphoqa ukuthi abophe abaKwaRavele ngokunyamalala kwenkosikazi yakhe, kodwa kusenjalo uthola ucingo oluphuma kuMpho.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwiSABC1
UKHENSANI onochuku akathandi uma isimo sesimjikela. UTracy udinwa umbono kaMpho. U-Ayanda uphoxa isoka lakhe futhi. U-Anathi usebenza ukuze aphinde athole ukwethenjwa umfana osemncane. UReggie uyadinwa futhi konke ukuthululela kumnikazi weS’khaftin Chicken. UMrekza umangele uma ezwa ukuthi indodana yakhe yenzeni. UMbali uyabona ukuthi kukhona okungahambi kahle kumngani wakhe. UThemba uyabona ukuthi izinkinga zakhe ima ziqala. U-Anathi ubukeka engajabulile emcimbini wakhe.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
UJACKIE ufunda ukuthi isandla esiphayo naso kukhona okuhle esikuzuzayo. Owesilisa osemncane kumele axolise ukuze asindise uthando lwakhe. Abantu abangalungile baqala ukusondela kuJakes. UMihloti wenza kube nzima emsebenzini futhi lokhu akwenzayo bekungalindelwe muntu. Owesifazane ushintsha umqondo ngomzuzu wokugcina, kodwa umuntu onenhliziyo embi abhekene naye akafuni ukwamukela. UDintle wenza isicelo esikhulu, nesingadala ukuthi uphenyo alwenzayo lube sengozini. UDintle uthatha isinqumo sokuzinikela kwakwenzayo. UJakes ukulungele ukuba sempini.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
USHOKI uzama ukwehlisa umoya kuNkosi, kodwa akafuni ukuthi u-Ona angene ezingxabanweni zabo noKopano. Ngemuva kokuthi uFunani ekhulume kahle ngo-Ona, uNkosi uya kuKopano futhi uyamncenga ukuthi abe yingxenye yomsebenzi abawenzayo, nokumenza angene engcupheni acushelwe yona uKopano. UFaith utshela uFunani ukuthi uNkosi ufuna imali enkulu. UFunani uya kuNkosi uyokhuluma naye ngemizamo yokusebenzisa uFaith ukuze amsebenzise futhi uyalichitha icebo lakhe lokuthi amnike imali. UNkosi usebenzisa izindlela zokubambezela ukuze enze isiqinisekiso sokuthi akekho eHouse of Zwide owazi ngokunyamalala kwemali. U-Ona ulinda enovalo ukuzwa izindaba eziphuma eDTI. UMolife unemibuzo ngezinto ezenziwa uyise.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic
UJABULE uNozuko ukuba ngowesifazane ohamba phambili nokunguyena yedwa emzini waKwaMxenge. UNontle ufuna uMsimelelo enze ngendlela elungile. UThulani uthola ukuthi uHlumelo udlale ngaye futhi uthathe yonke into. UNozuko wenza iphathi ephambili ukugubha ukuba phezulu lapho edinga ukuba khona. UThulani ukhuthazwa umuntu abengamlindele. AbakwaMakwetu babhekana nobunzima ababulethelwe uHlumelo (Bongile Mantsai) noMsimelelo kukhona imfihlo alokhu ehamba nayo. Izingane zakwaMxenge ziyahlangana ukuze zilwele ifa likayise. U-Anathi ubhekana nomunye wabantu angabaphathanga kahle. Kuba nempi enzima emndenini wakwaMxenge. Njengoba uMsimelelo kukhona isimo esibi abhekene naso, ingabe umshado wakhe noFuneka uzokwazi ukumelana nesinye isivunguvungu?
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
OKUTHOLWA amaphoyisa kuletha imibuzo eminingi kunezimpendulo. UKhulekani unika umndeni ithemba elingekho. Kukhona izinto ezintsha eziqala ukuza empilweni kaNobuntu. USxembe noMam’Prophethi babhekana nesambulo esithusayo. UKhulekani wenza izinsolo ezimbi azibhekisa emkhandlwini, njengoba ewusola ngokubulala umfowabo. UMabusi uyanqaba ngokuzwa into ezomtshela ukuthi akazilele umyeni wakhe okuhlanganisa nokuhlala kumatilasi. Inhliziyo kaDifa iba buhlungu njengoba belahlekelwe uSiphamandla. Kuyaqhubeka kwenzeka izinto ezimbi kwaMthembu. UMabusi ulahlekelwa umqondo, uZodwa kodwa useduzane ukuze amqinise. Kuba khona imizuzu eminingi yokuthandaza emzini wawaMthembu njengoba ziziningi nezizathu ezenza benze lokhu.