GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwiSABC1
IZINTO ziba zimbi kakhulu kuMinnie. UFikile unenye indlela yokubonga u-Anathi ngemizamo yakhe. ULucy (Manaka Ranaka) uthola izindaba ezimnandi kodwa azishintshi indlela azizwa ngayo. USphe uyacasuka uma intatheli ifika izophenya izindaba. UNozipho udinga inselelo ezomenza angacabangi. UNkaba uvakashelwa yindlalifa yakwaMoroka. Isikhulu esisha esibambile Ezweni asichithi sikhathi ngaphambi kokushaya umthetho. U-Anathi ubeka umnqamulajuqu futhi ushaqiswa wokulandelayo ngemuva kwakho. UNkosiyabo uyathuka ukuthola ukuthi imfihlo yakhe ihleli obala.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
Izinto azihambi kahle kuDintle ngenxa yomsebenzi. Owesilisa ompintshekile akasafuni lutho. Indoda ivuma ukuthi impimpe umngani komunye ukuze ifeze izidingo zayo. UPhaka kumele athathe isinqumo njengoba uJojo esebeke umnqamulajuqu. UMdala ujika izinto uma esatshiswa. UJojo uphoqeleka ukuthi azehlise amukele usizo angalucelanga.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
Azipheli izinkinga kwaGumede njengoba uMaMzobe ebeka impilo yakhe engcupheni. Izono zikaMaMzobe seziqala ukumvukela futhi akasakwazi ukumelana nalokho. UNobuntu uzama ukuxolisa kuMabusi kodwa izinto azihambi kahle. UDifa ukhokha imali kodwa uNdlovu ufuna axolise emphakathini. UMaMzobe uvula isifuba kuSiphamandla ugonyuluka ngezono zakhe. Kushayisana imibono kuKhulekani noNomkhosi ngokuthi bazoyidla kanjani ingcebo yabo entsha. USiphamandla uxwayisa uMaMzobe ngokuthi angalokothi abhabhadiswe kusasa. UNobuntu ukhipha isitatimende ngenhloso yokugeza igama lakhe mayelana necala lokukhwabanisa.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwiSABC 2
UNkele ucela uTendamudzimu ukuthi ahlukane noMpho. UBubbles uthola ukuthi umngani ka-Imani ongaziwa empeleni nguTshililo. U-Azwindini uyazumeka engaboni ukuthi ukudla sekuqala ukusha esitofini nokwenza indlu igcwale intuthu. U-Imani noTshililo bayaqabulana. UNdiwvho noRazia baqinisa ubudlelwano babo ngokuphana izipho. Ngemuva kokululama, u-Azwindini umemezela ukuthi uthenga indlu kaRendani. UTendamudzimu usindisa uNkele ukuthi angabanjwa inkunzi yiphara. Imizwa phakathi kuka-Imani noTshililo iya ngokudlondlobala.
UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwiSABC 1
UNkunzi usekulungelee ukuvala isikhala sikaNomkhosi. Liyavela iqiniso ngobudlelwano bukaNjeza noHleziphi. AbakwaXaba benza konke ukuchaza izivakashi zabo ekhaya elisha. Amalungu omkhandlu aweneme uma uNkunzi efaka umuntu ongalindelekile njengebamba. Ubufakazi buka-Olwethu buveza okuningi ngowesilisa omvimbe ukuthi azibulale. UGeja ukhathazekile ngomsebenzi wokuba yibamba kuNokuthula. UNjinji (Thembi Nyandeni) unesisombululo ngenkinga yeKwaMashu FC enkundleni. UNjinji uyanqoba enkundleni ngesikhathi ukubuya kukaNkunzi KwaMashu kuza nezinkinga. UMadlala weneme ngoSakhile. UMaDongwe ubona ukuthi kumele enze iqhinga ngokushesha.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic
Umndeni wakwaMakwethu uthatha igxathu lokuqala eliya phambili. UNozuko noNobomi babanga ukuthi wubani ozoba yindlovukazi yakwaMxenge. Imizamo kaMsimelelo ayinakwa. Iyashuba impi phakathi kukaNozuko noNobomi. UFuneka uyahluleka wukumelana nempilo yakhe entsha. U-Anda ufuna uR80k kuLulama engakapheli amahora angu-72. Izinhlelo zikaLulama zokubaleka ziyaphazamiseka. Izinhlungu nokuphatheka kabi kukaFuneka kumenza azivalele abe yedwa.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku ku-e.tv
USoka ukhetha ukubona ukuthi izinto zizophelelaphi kuye no-Ona (Nefisa Mkhabela) yize kusekhona uMampho empilweni yakhe. USandile uyamxwayisa ngokuthi akwenzayo kunobungozi ngesikhathi uMaria exwayisa uMampho ngokuthi kukhona okwenzekayo phakathi kukaSoka no-Ona. USoka uphoqeleka ukuthi aqambe amanga ngemuva kokuthi uMampho embambe elungiselela ukuyodla isidlo sasebusuku no-Ona. UDorothy umemezela ukuthi uyawuhoxisa umshado. UNkosi noShoki babona sengathi sekuseduze babambe uKopano uma uKopano efonela uShoki ethi uzoza ezombona maduze.