INTOKAZI ezakhele igama ohlelweni lomculo ama-Idols SA, uMmatema Moremi-Gavu, izoba nezingxoxo ezahlukene nabesifazane abashadile ohlelweni iThe Wife Talk Show, oluzokhonjiswa kwiSABC2.
Kulolu hlelo oluzokhonjiswa ngo-8.30, ebusuku, uMmatema uzohlala phansi nabesifazane abashadile babheke ukuthi kusho ukuthini ukuba ngowesifazane obizwa ngomfazi futhi yini elindelekile kuye.
Isiqephu ngasinye sohlelo sizoba nesihloko, okuzoba khona abesifazane abazoxoxa ngaso nabashadile.
UCaroline Phalakatshela weSABC uveze ukuthi bayayibongela le ntokazi ngokuthola leli thuba futhi bayathemba ukuthi baningi abesifazane abashadile abazokufunda ohlelweni.
“Okujabulisayo wukuthi kuzobhekwa izihloko ezahlukene, ezithinta, umkhakha wokuba wumfazi nokuthi umuntu wesifazane ufika kanjani kulesi sigaba sobufazi.
Ngalolu hlelo kuzosizwa abesifazane abashadile ukuthi babheke ubuhle nobubi bokushada futhi luzosiza abesilisa ukuthi bangene bagxile ezinkingeni abesifazane abashadile ababhekana nazo.
Luzobuye lusize abesifazane nabesilisa abasebancane ukuthi bazilungisele kanjani ngaphambi kokuthi bangene emshadweni,” kusho uCaroline.
Uthe kulona kulindeleke ukuthi kube khona abesifazane abangabefundisi, okukhona kubo uPushie Watson noNomusa KaMalinga-Dlomo abazobheka igalelo lowesifazane emshadweni, ukuthi lichaza ukuthini igama elithi “mfazi” nokunye okuhlukene.
“Isiqephu ngasinye sizohambisana nesihloko, bese kuba khona izihambeli ezizochaza kabanzi ngesihloko. Izihloko ezithinta ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ukuxolelana, abesifazane abangabatholi abantwana, ukuhlukana ngokwezinhlanga nezilimi emishandwei, amasiko ahlukene nokunye okuningi yikhona okuzobhekwa ohlelweni nesinxusa abantu besifazane nabayeni babo balujabulele lolu hlelo,” kusho yena.
Uthe ezinye izihambeli ezizobonakala ohlelweni kubalwa u-Ayanda Ncwane, amawele uMillicent Mashile no-Innocent Sadiki, Phindile Gwala-Ngadu, Tiffany Taylor bangabanye babazobonakala.