NJENGOBA ababukeli bomdlalo osakazwa kwi-etv phakathi nezinsuku ngo-9 ebusuku, iSmoke and Mirrors, bebelokhu bezibuza beziphendula ukuthi unyamalaliswe yini umlingisi uKgaogelo Monama, iqhina ligcine liphumile embizeni.
UKgaogelo akaxoshiwe kulo mdlalo kodwa usesekhefini njengoba elindele ukubeletha umntwana amthole kumyeni wakhe futhi onguzakwabo kulo mdlalo, uSabelo Radebe.
Abalandela lo mdlalo bayazi ukuthi uPertunia (okunguKgaogelo) uMagolide (okunguSabelo) yinkukhu nempaka ekubeni empilweni yabo yangempela bengamathe nolimi.
Ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto eminyakeni emibili eyedlule uKgaogelo wathi baqeda iminyaka emibili beshadile noSabelo odabuka eMnambithi.
Lokho kusho ukuthi sebeneminyaka emine beyibambile insimbi ishisa othandweni lwabo. Lezi zithandani zifake izithombe zazo ezinkundleni zokuxhumana, zincomana kubuka wonke umuntu.
Esithombeni esiveza uKgaogelo ekhulelwe ubhale kanje: “Ngiyabonga Baba ngazozonke izibusiso onginikeze zona empilweni yami. Ngiyathobeka futhi ngiyabonga.” Kanjalo noSabelo ubhale ukuthi “Happy Mother’s Day, sithandwa sami. Ngiyabonga ngempilo esabelana ngayo. Uthando luyikho konke enginakho,Nana. Ngiyabonga Thixo ngempilo. Ngiyabonga Baba ngokupha nokwenza leli phupho lifezeke. Nkulunkulu, ngiyabonga ngesibusiso,” kubhala uSabelo.