UZOHANJELWA ngabaholi abaqavile umgubho wokuphela kweminyaka ewu-30 elakuleli lathola inkululeko nentando yabantu eBat Centre ngoLwesine kusukela ngo-10 ekuseni.
Phakathi kwabaholi abazozimazisa kulo mcimbi kubalwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube, uNgqongqoshe woMnyango wezokuVakasha nokuThuthukiswa koMnotho, uSiboniso Dube, uNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko nezeMidlalo, uNtuthuko Mahlaba, neMeya yaseThekwini, uMxolisi Kaunda.
Kulo mgubho kuzokhonjiswa ifilimu ekuthatha ikubeke ngoNtombi Priscilla Kubheka esihloko sithi Bones of Memory nekhuluma kabanzi ngempilo kaPhila Portia Ndwandwe esihloko sithi The Breastfeeding.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, lo mcimbi wenziwe yiKhomishini yamaFilimu KwaZulu-Natal ngenhloso yokugubha le ngqophamlando ngokukhombisa ngochungechunge lwemidlalo ebizwa nge-Untold Stories.
"Ukugubha le ngqophamlando ezweni, iKZNFilm izokhombisa uchungechunge lwama-documentary olubizwa ngeTruth Be Told futhi oluqale ukukhonjiswa kuSABC 3 ngemiSombuluko ngabo-9 ebusuku, kusukela ngoMashi 4 kulo nyaka.
Luveza izindaba ezivusa umunyu zabantu abalahlekelwa yizihlobo zabo ngenxa yesihluku sobandlululo."
Siqhuba lesi sitatimende sithe ekukhonjisweni kwalolu chungechunge kuzobakhona nesigcawu lapho izithameli zizothola ingqayizivele yethuba lokubuza amalungu emindeni yababulawa, umdidiyeli wefilimu nababengokhomishana bengomboco yamaqiniso (TRC).
ITruth Be Told ikhuluma ngodaba lweTruth and Reconciliation Commission ngokubheka isigameko sokubulawa kukaPhila Ndwandwe, Bheki Mlangeni, Ntombi Kubheka noTopsy Madaka, iqiniso elagcina lingakhulunywanga futhi okungekho muntu owaphumela obala ngeqhaza labo ekubulaleni abantu ngesihluku ngezikhathi zobandlululo.
Umdidiyeli walolu chungechunge, u-Enver Samuels, uthe kusemqoka ukuthi ukwethulwa kochungechunge lweTruth Be Told lwethulwe ngesikhathi kugujwa iminyaka ewu-30.
"Niyamazi uPhila Portia Ndwandwe? Niyamazi uNtombi Kubheka? Kufanele ningabazi. Kungani ningabazi? Yileso sizathu esingiphoqe ukuba ngenze la ma-documentary. Siyabazi oMandela, Tambo noSisulu kodwa asiwazi amanye amagama ezishoshovu zomzabalazo ezasilethela intando yeningi nenkululeko esiyijabulelayo njengamanje," kusho u-Enver.
OyiNhloko yeKZNFilm, uVictor Senna, uthe nabo njengeKZNFilm bayaziseka izindaba zezigameko ezenzeka kulesi sifundazwe eziqhakambisa amaqhawe, amaqhawekazi nezingwazi zakulesi sifundazwe neziveza indima eklanywe yiKwaZulu-Natal.