Mhleli: kwelakho ngicela ukuzwakalisa ukungenami kwami ngendlela izinto ezenzeka ngayo kuKhozi FM. Umbuzo enginawo nengihlala ngizibuza wona wothi cala lini elenziwa nguBheka Mchunu (osesithombeni) kuKhozi FM engasaxolelwa bakithi? Noma isono sakhe kwaba wukuphawula ngecala likaLinda Sibiya.
Kungani kube nabasakazi abasebenza kusukela ngoMsombuluko kuze kuyoba yiSabatha besemsakazweni kodwa uBheka Mchunu, umsakazi onohlonze kanje, angene kanye ngeSabatha kuphela? Ngabe bukhona ubulungiswa lapho noma sebenza indlela yokuthi aqedele inkontileka yakhe bese bemxosha.
Bayadlala ngathi balaleli boKhozi, basincisha uBheka Mchunu ongena kanye esontweni bese kuba noSigqemeza noTshatha abangena izinsuku eziyisithupha. Ngokwami laba basakazi basezingeni elifanayo nelikaBheka Mchunu. Sibaningi esifisa uBheka Mchunu angene izinsuku eziyisihlanu evikini ngendlela enza uhlelo lube mnandi ngayo nobuchule anabo.
Sinembuzo nasezinkundleni zokuxhumana ukuthi kanti uBheka Mchunu cala lini alenza elingapheli ngoba ungumsakazi oseqophelweni eliphezulu? Siyacela kubaphathi bezinhlelo basifakele uBheka Mchunu isikhathi esifana nesabanye emoyeni. Abangasebenzisi inzondo abanayo ngoBheka Mchunu. Ngendlela okwenzeka ngayo kusobala kunenzondo ebhekiswe kuMacingwana.
Thanda Chonco
KwesakwaMthethwa