UMSAKAZI woKhozi FM ogubha iminyaka engu-17 esakaza, uZandile “Zeal” Dladla, uthi kusekuningi asabheke ukukuzuza emsakazweni okuhlanganisa nokungena ohlelweni lwasemini.
UZeal wethula uhlelo, iFakumoya, ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku
neNdabezinhle ngo-12 kuya ku-3 ekuseni ngeSonto.
“Ngineminyaka engu-17 ngisakaza kusuka ngisekwiVoice of Wits. Ngibonga abalaleli, abaqashi, umndeni nabo bonke abangilandelayo. Ngibonga nokuvikeleka ngoba sihamba izindawo ezikude sinandisa njengoDJ futhi uJehova selokhu engigcinile,” kusho uZeal obuye azibize ngomakaNdabe, indodana yakhe eneminyaka emithathu.
Lo msakazi, owahlala iminyaka kwiMetro FM, uthe usazimisele ngokuhlala emsakazweni njengoba kusekuningi afisa ukuzuza.
“Ngicela iminyaka iphinde yande kuyo le ndima yokusakaza. Phakathi kwengiziqhenya ngakho wukuqokwa kabili kumaRadio Awards nomklomelo engawuthola oKhozini ngokuba nohlelo olukhulisa abalaleli, iNdabezinhle. Umsebenzi esiwenzayo akuwona owangunaphakade kodwa uhambisana nokuthandwa nokuziphatha. Engikufisayo manje wukuthi ngilandele ezinyathelweni zikaWinnie Mahlangu engangibukela kuye, nami ngigcine ngizwakala emini. Ngiyabakhulisa abalaleli ebusuku kodwa ngiyafisa ukubakhulisa nasemini. Sengisakazile kwezinye izikhathi futhi ukukhula kubalulekile. UWinnie wayengena ngempelasonto naphakathi nesonto wakhula emsakazweni ngendlela emangalisayo,” kusho uZeal.
Lo msakazi uveze ukuthi useqale umjikelezo ohambela izindawo ezahlukene egubha iminyaka aseyichithe emsakazweni. Ihambisana nemigubho yenyanga azalwe ngayo.
“Iminyaka yami ingu-17 ngoba ukuqala kwami ukusakaza ngikuthatha njengosuku engazalwa ngalo kabusha,” kusho yena.
Uveze ukuthi ngoLwesine umgubho uzobe useTigers Milk ePavillion kusuka ngo-4 ntambama. Kuzobe kunandisa uSlenda Da Dancing DJ, Madanon, Ceega Wa Meropa, King Sfiso nabanye.
Uthe usazohambela eNewcastle, Mandeni nakwezinye izindawo.