Umngani omkhulu kaDJ Naves asakaza naye kwiMetro FM, uSphectacula, uthi ngeke amlandele ngokushiya lesi siteshi.
ULebogang “DJ Naves” Naves noSiphesihle “DJ Sphectacula” Ngwenya, ababizwa ngeKings of the Weekend uma behlangane, bethula uhlelo oluqanjwe ngegama labo olungena ngo-7 kuya ku-10 ebusuku ngoMgqibelo.
Ngasekupheleni kwesonto eledlule, uDJ Naves ubhale ekhasini lakhe lika-Instagram ukuthi uyashiya kulesi siteshi. Uthe uzogcina emoyeni ngoJanuwari 27.
“Ngiyabonga ngamava, amathuba nabantu abamangalisayo engisebenze nabo, abanye babo asebephenduke abangani bangunaphakade,” kusho uNaves.
Akavezanga ukuthi uya kuphi. Akaqali ukushiya kwiMetro FM njengoba yena noSphectacula bahamba baya kwiGagasi FM ukuyothula uhlelo lwantambama phakathi nesonto iminyaka emibili phakathi kuka-2017 no-2019, ngaphambi kokubuyela kulesi siteshi.
Laba bobabili sebephenduke amawele njengoba bengagcini ngokusakaza ndawonye kepha bephinde bakhiphe nomculo ngokuhlanganyela futhi banandise ndawonye ezindaweni.
Ethintwa uSphectacula ngoMgqibelo, emini uthe usemcimbini. Uphendule ngomyalezo ukuthi akayishiyi iMetro FM.
Uphinde wadalula ukuthi ukuhamba kukaNaves ngeke kulethe izinguquko emsebenzini wabo.
“Alukho ushintsho oluzoba khona kwiKings of the Weekend ngokwebhizinisi, umculo nakokunye,” kusho uSphectacula ngamafuphi.
UNaves akayena umsakazi wokuqala ukushiya iMetro FM kulo nyaka wemisakazo ophela ngo-Ephreli.
NgoSepthemba, uMantsoe Tsitsi odume ngoMantsoe Pout umemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uyahamba esiteshini ayethula kuso uhlelo iThe Boomerang ngemuva konyaka.
Isikhala sakhe sivalwe nguNdivho Makhwanya ofike ngoNovemba, ukuzokwenza izinhlelo zango-12 kuya ku-3 ezintatha ngoMgqibelo nangeSonto.