ISILOMO somsakazi esashiya iRadio 2000 senza uhlelo lwasekuseni, uBongani Mtolo, sigonyuluka ngokwasenza sakhetha ukuhlaba ikhefu emsakazweni yize sasishelwa eziteshini ezahlukene.
UBongani wamemezela ukuthi uyashiya kwiRadio 2000 nyakenye, ngemuva kokungayivuseleli inkontileka nesiteshi lapho ayethula khona uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto iminyaka emibili.
UMtolo onezindondo zakumaRadio Awards utshele lsolezwe ukuthi ukushona kukanina kwamphazamisa kakhulu.
“Abantu abaningi abazi kodwa bengingekho sesimweni ngemuva kokushona kukamama ngo-2023. Kwangiphazamisa kakhulu ngase ngihlaba ikhefu. Mina nomama sasisondelene kakhulu. Wayegula ngisho uma ezibuka esibukweni engazikhumbuli ukuthi uwubani nawe engakukhumbuli,” kuchaza uBongani.
Uveze ukuthi ngesikhathi esahlabe ikhefu zikhona iziteshi abe nezingxoxo nazo zifuna ukuba azijoyine.
Phambilini, kuke kwavela imibiko emkhomba kwiGagasi FM.
“IGagasi neKaya FM ngike ngaba nezingxoxo nabo. I-2000 nayo ike yabuya ngesikhathi kade kuhamba uGlen Lewis kodwa bengingekho sesimweni esikahle.”
Uthe njengoba ebehlabe ikhefu emsakazweni, ubegxile enkampanini yakhe ehlela imicimbi futhi ephekayo.
Njengamanje usebuyele emsakazweni ngemuva kokujoyina iVuma FM azoqala ukuzwakala kuyo kusuka ngoMsombuluko. Uzokwethula uhlelo lwantambama phakathi nesonto noSli noBig Mike.
“Ngiphinde ngibe nesitolo esidayisa ukudla eMgungundlovu. Ngolunye usuku ngathi ngishayela ngishintsha iziteshi ngahlangana neVuma. Ngezwa kudlala umculo engiwuthandayo ngase ngiyathatheka. Kwaqondana ukuthi nami bese ngiphumule ngokwanele. Ngibonile ukuthi iVuma iyahambisana nami ngoba ngifuna ukuba sendaweni lapho ngizoba yimi khona. Angifuni ukuba sesiteshini lapho kuzomele ngizenze umuntu omncane ngingasiyena,” usho kanje.
Uthe uzokwenza uhlelo oluhlabahlosile oluzowola nezindondo njengokujwayelekile.
“Mina ngihlale ngisho ukuthi angiyena usaziwayo. Nginezinkinga njengawe, nginezikweletu njengawe nokuyinto oyizwayo uma ulalele izinhlelo zami. Izinkinga sizilungisa ndawonye. Ngaphambi kokuthi ngiye kwi-2000, kwakuyisiteshi nje esinganakiwe osilalela uma usivule ngephutha kodwa ngihambe sekuyisiteshi esinyukelwe yizibalo futhi sihlale sisematheni. Ngale kokuzikhukhumeza kodwa ngiyawazi umsebenzi. Walalela uhlelo lwami kanye uyajoveka. Yonke into sizoyakha kancane kancane,” kusho uBongani.