UMSAKAZI owagqama kwezomsakazo esasebenza kwi-East Coast Radio eminyakeni eyishumi edlule, uthe bese ewukhohlwe nya umsakazo, futhi engazitsheli ukuthi uyoke abuyele kuwo.
Nokho ukulandela akubize ngokuthi ‘wubizo lokusebenza ngombhobho’ iyona nto uBig Mak ayichaze ngokuthi yenze washintsha umqondo ngomsakazo, ebuyela kule ndima ngokushayela uhlelo lwasekuseni esiteshini esisebenza nge-internet esisanda kuvulwa eMhlanga, iMega Zone Radio.
UBig Mak ogama lakhe lokuzalwa wuMakhosi Dlamini, uqale ukuzwakala kulo msakazo uvulwa ngo-Okthoba 1, ohlelweni alusakaza noJay omemezela ezemigwaqo, noMpilo owethula izindaba zemidlalo ohlelweni.
Engxoxweni neSolezwe, uBig Mak uthe emva kokushiya kwi-East Coast Radio ngo-2015, bese egxile kakhulu ekuphatheni izinhlelo zemicimbi yenkampani ephethe amahhotela nezindawo zokudlela, iTsogo Sun, futhi ematasa nangokwenza i-voice over.
“Kuthe kulo nyaka ngathola ucingo lwabaphathi beMega Zone, bengazisa ukuthi bayangidinga ukuba ngizosakaza ezemidlalo kulo msakazo, okuthe sengifikile kwashintsha izinto, bacela ukuthi ngisale sengisakaza uhlelo lwasekuseni. Yize kube yisinqumo esingelula, kodwa ukuthanda umsakazo futhi engibona ukuthi kuwubizo kimina, yikhona okungiphushe ngashiya lapho bengisebenza khona ukuze ngiqhube ubizo lwami,” usho kanje.
UBig Mak akayena umsakazi wokuqala obese eshiye emsakazweni ukubuya ngalo msakazo, njengoba abanye futhi kungozakwabo oMakhosi Khoza noZaba Simbane, abethula uhlelo lwantambama oluthi After School is after school. Lo msakazo unezinhlelo ezimbili kuphela okwamanje, olwasekuseni nolwasemini njengoba usaqhubeka nezinhlelo zokuhlwaya ithalente labakasazi abazogcwalisa izikhala zezinye izinhlelo.
“Manje sibheke ukukhulisa umsakazo, kwande abantu abawulalelayo, okuza kahle kakhulu manje njengoba sisanda kuthola ukuthi bangaphezu kuka-300 000 abantu asebeke bawulalela uma uhlanganisa nabasebenzisa i-app yawo, futhi siyayiqonda ingcindezi esibhekene nayo yokubagcina kithina ikakhulu ngoba i-data yokusilalela iyabiza,” kusho uBig Mak.
Lo msakazi odabuka eThekwini, uqale ukusebenza emsakazweni kwiRed Cap Radio, ephethwe yisitolo sezimpahla zokugqoka iMr Price, ngo-2012 kuya ku-2015. Uthe ukhule ebukela kumsakazi owuqweqwe, uDJ Fresh, nomethuli wezemidlalo uRobert Marawa.