Umsakazi wohlelo lokholo lwaphakathi nezinsuku kuKhozi FM, uPhindile "Phindi P" Phewa, usesabalala emazweni angaphandle kwaseNingizimu Afrika.
Njengamanje umatasa nengoma ayenza ngokuhlanganyela nomculi waseZimbabwe, uJanet Manyowa, nenye ayenza nowaseNigeria, uPetersen Okopi.
Uthe phezu kwalokho ungomunye wamaciko aqokwe kumaLadies in Media Awards, eGhana, emunxeni weWoman in Music.
"Kubukeka sengathi izinto zami ziyahleleka. Ngijabule kakhulu ngalokhu ngoba kade ngangifisa ukungena kwamanye amazwe ase-Afrika. Kubukeka sengathi kuzoba unyaka wami lo.
“Ngiwinile noma ngingawinanga kumaLadies in Media Awards, ukunandisa khona nje, kuyobe kuphenduleke umthandazo wami." Uthe eGhana uzokuya khona ngoMashi 31.
Ngaphambi kokulibangisa eGhana, uPhindi P uzoqala phesheya kwezilwandle kumaTexas Gospel Music Excellence Awards azobanjelwa eHouston Hobby Marriott Hotel, e-USA ngoFebhuwari 15 kuya ku-18.
Kulo mncintiswano uqokwe emkhakheni we-International Female Soloist of The Year lapho etholene khona phezulu nabaculi okubalwa kubo uJoyce Ochelle (UK), Mary Ozaraga (Philippines), Kristojay Paul (Barbados), Mama Tee (Canada), Julia Vidoriz (Brazil), Kareema Al-Shabazz (Trinidad), Fummi Orisie (UK), Evelyn Brandford (USA), Sista Richness (USA), Sis Izzy Thomas (USA) nabanye. Akagcinanga ngokuqokwa kodwa uzobuye anandise kulo mqhudelwano.
Yize kuzobe kungokokuqala uPhindi P ehlabana ngomklomelo emncintiswaneni osezingeni lomhlaba kodwa useke wawudla umhlanganiso amahlandla amabili kumaSABC Crown Gospel Awards ngokuba wumculi nangokuba wumsakazi weHighway Radio.
Usanda kuhlabana ngendondo kuma-10th Mpumalanga Gospel Music Awards, emkhakheni weBest Gospel Radio Show (National).
Lo msakazi, odabuka eZingolweni, usanda kukhipha i-EP esihloko sithi I Believe nequkethe izingoma ezithi Moya Ngilambele Wena (ayicula noDumi Mkokstad), You're God (ayibhalelwe wuDr Tumi) nethi Ngizocasha.