UMSAKAZI wohlelo lokholo phakathi nezinsuku kuKhozi FM, uPhindile "Phindi P" Phewa, ungomunye wabahlane ngendondo kuma-10th Mpumalanga Gospel Music Awards abeseMbombela Stadium ngeSonto. UPhindi P uwine ngoLibo Lokuqala emkhakheni weBest Gospel Radio Show (National). UPhindi P ubonge abalaleli boKhozi, ikakhulu boLibo Lokuqala, ngothando nokweseka kwabo lolu hlelo ngaso sonke isikhathi. “Siwinile futhi Ukhozi FM luhamba phambili.” Ubuye wazibongela nakubagqugquzeli balo mncintiswano ngethuba abamnikeze lona.
Uwina nje uPhindi P ubeqokwe njengomculi wokholo kumaCrown Gospel Music Awards kwiBest Contemporary Gospel Song ngengoma yakhe ethi Ngobambelela kodwa wakhala ngaphansi kuMnqobi Nxumalo. Akugcinile lapho kodwa uqhathwe nezingwazi zamazwe ngamazwe kumaTexas Gospel Music Excellence Awards azobanjelwa eHouston Hobby Marriott Hotel, e-USA, ngoFebhuwari 15-18 ngonyaka ozayo. UPhindi P uqokwe emkhakheni we-International Female Soloist of The Year lapho etholene khona phezulu nabaculi okubalwa kubo uJoyce Ochelle (UK), Mary Ozaraga (Philippines), Kristojay Paul (Barbados), Mama Tee (Canada), Julia Vidoriz (Brazil), Kareema Al-Shabazz (Trinidad), Fummi Orisie (UK), Evelyn Brandford (USA), Sista Richness (USA), Sis Izzy Thomas (USA) nabanye.
Yize kuzobe kungokokuqala uPhindi P ehlabana ngomklomelo emncintiswaneni osezingeni lomhlaba kodwa useke wawudla umhlanganiso amahlandla amabili kumaSABC Crown Gospel Awards ngokuba wumculi nangokuba wumsakazi ovelele weHighway Radio. Uthe unethemba lokuthi ukuqokwa kwakhe kulo mqhudelwano kuzomvulela iminyango phesheya kwezilwandle.
"Kungenzeka ngizibone sengiqokwa nakweminye imiqhudelwano futhi senginandisa emicimbini emikhulu yamazwe ngamazwe." Uthe ukuphumelela indondo ye-International Female Soloist of The Year kulele kumavoti abantu bakuleli," kusho lo msakazi odabuka eZingolweni futhi osanda kukhipha i-EP esihloko sithi I believe nequkethe izingoma ezithi Moya Ngilambele Wena (ayicula noDumi Mkokstad), You're God (ayibhalelwe wuDr Tumi) nethi Ngizocasha. Ngebhadi sekuvaliwe ukuvota kulo mncintiswano. Kwenzeka lokhu nje, uPhindi P ungomunye wabaculi abashiyelane inkundla nengwazi edume umhlaba wonke eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo.