EMUVA kweminyaka emihlanu umqhudelwano wezindondo, iSouth African Volunteers Awards (Sava), unyamalele, ukhuza ibuya kulo nyaka.
Umgqugquzeli walo mqhudelwano futhi onguphrojusa woKhozi FM, uNonhlanhla "Mdonso" Ngcobo, uthe lo mqhudelwano uzokwethulwa ngokusemthethweni kwelinye lamahhotela aseThekwini ngoFebhuwari 23 bese kuthi abawinile bamenyezelwe kwindumezulu yomcimbi ozokuba ngoMeyi kulo nyaka.
UMdonso uthe okumenze wabuyisa lama-awards ukuqhubeka nokuqhakambisa amagalelo omnewabo ongasekho, uDkt Bhekisisa Ngcobo weZululand 97.0 FM, owasungula amaSava eminyakeni ewu-15 eyedlule.
Ukuqubuka kweCovid-19 ngo-2020 nokudlula emhlabeni kukaNgcobo kwawuphazamisa lo mncintiswano.
UMdonso uthe inhlosongqangi ngamaSava ukugqugquzela ukusebenza ngokuzikhandla kwabantu abasebenzela umphakathi njengamakhosi, izinduna, othisha, amaphoyisa, abahlengikazi, amakhansela, izimeya nabanye.
"Uzobakhona nomunxa weBest Maskandi Artist/Group, Best Gospel Artist/Group, Best Isicathamiya Group, Best Mbhaqanga Artist/Group, Best Community Radio, Best Community Radio Presenter neminye."
Uthe kulo nyaka bahlele ukuthi izindondo zihambisane nemali ukuze bakhuthazeke abangenele.
Unxuse osomabhizinisi, omasipala neminyango kahulumeni ukuba baxhase ukuze amaSava abe seqophelweni eliphezulu. Uthe noMasipala abafuna ukusingatha umcimbi wokumenyezelwa kwabaqokiwe nowokumemezela abahlabene, babathintile ukuze kuxoxiswane.
Ebantwini abahlonishwayo asebeke bahambela amaSava kubalwa obenguNdunankulu kaZulu, uDkt Mangosuthu Buthelezi, uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, iHhashi Elimhlophe, Ebony, Mtshengiseni Gcwensa, uThokozani Langa nabalingisi boZalo.
Emacikweni aseke aqokwa kubalwa oBoneni, Buselaphi, Khuzani, Ali Mgube, Cevuzile nabanye abaningi.
Ephetha uMdonso uthe imininingwane egcwele izotholakala ezinkundleni zokuxhumana nasemithonjeni yezindaba.