Uma kukhulunywa ngabasakazi besifazane abayibekile induku ebandla, kubalwa amagama oDudu "Lady D" Khoza, Shado Twala, Winnie Mahlangu, Kgomotso "KG" Moeketsi, Nomthunzi "Mama Kama-Asi" Vuza, Lindiwe Ntuli nabanye.
Nakuba uLusanda "Lusdia" Mnqayi (23) waseNgwelezane, eMpangeni, esaqeqeshwa kwiGagasi FM kodwa useqalile ukukhombisa izimpawu zokuhamba ezinyathelweni zalezi zingwazi.
ULusanda, oseke walingisa indawo kaMbali kwiMbangi nekaNandi kwiRugby Town kuMzansi Magic ngo-2020, uthe nyakenye ungenele umncintiswano wokuthungatha abasakazi abasafufusa, iGagasi Rising Star Search kodwa wahluleka kwiTop 5.
Kuthe esezitshela ukuthi ubuyela eziteshini zomphakathi, wabizwa ukuze azobambela ozakwabo abasezinhlelweni zasebusuku ngoDisemba.
"Angikholwanga. Ngajabula kodwa ngashaywa wuvalo ngoba iGagasi wumsakazo osezingeni elicokeme."
Uthe uzosebenza ngokuzikhandla ukuze leli thuba aliphathise okwezikhali zamaNtungwa ngoba kade ayelilangazelele.
ULusanda uthe waqala ukuba nothando lokusakaza nokwethula izinhlelo zethelevishini esefunda eRichem Secondary.
"Abantu abaningi bazama ukuguqula umqondo wami ngoba bengakholelwa ukuthi kunomuntu odabuka eMpangeni ongavelela kwezokusakaza. Angibanakanga, ngaqhubeka nokuzilolonga ngokuzibuka esibukweni ngilingisa ukuba umethuli wohlelo noma umlingisi."
Emuva kokuphothula isikole, ube esenza izifundo ze-Perfoming Arts, eCreative Arts College ngo-2019 nezeRadio Production eMagic Broadcasting Academy ngo-2020.
Uthe okwamjabulisa kakhulu ukuthi wayephekwa uLinda Sibiya akhule ebukela kuye.
Esehlala eMlaza, ujoyine iDurban Youth Radio ngaphambi kokusakazela i-MUT Campus Radio ngo-2022. Ngo-2023 ubuye wethula i-The Next Billionaire Show kwi-1KZN TV.
“Ekulingiseni ngikhule ngibukela kuLinda Sokhulu nakuMenzi Ngubane ngenxa yokuthi babezinemba izindawo ababezilingisa.”
ULusanda unguzinyobulala kuNksz Dudu Mnqayi kodwa izingane zakwabo ezizalwa nguyise oSandile, Simphiwe, Londeka noKwakuhle.
Ungomuye wabanikazi be-L& T Designs (Clothing) neLusdia Events & Communications.