OBENGUMSAKAZI weGagasi FM usephumele obala ngezinsolo zokuhlukemezeka emsebenzini athi kwakwenziwa ngobenguzakwabo osematheni kulezi zinsuku ngenkulumo engehlanga kahle kwabesifazane.
UNomfundo Clarissa Mfeka ufake i-video ekhasini lakhe likaFacebook ngoLwesibili ntambama, lapho ezwakalise khona zonke izigameko ezithinta lona wesilisa owayesakaza naye.
Imizamo yokuthola owesilisa ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.
UNomfundo uthe izikhalo zabesifazane zokuthi lona wesilisa akabahloniphi yinto ayaziyo. Uthe wakuzwa emsebenzini.
“Ngo-2016, ngangineminyaka engu-24 noma 25, nganikezwa inkontileka yiGagasi FM ukushayela naye uhlelo olwalubizwa ngeBig Bang ngo-12 kuya ku-3 ntambama. Wayekade eselwenze iminyaka lolo hlelo,” kusho uNomfundo.
Uthe kwakuyinto emnandi kuye ukuthola ithuba lokusebenza nomuntu oseneminyaka kulesi siteshi.
“Ngaphambi kokusebenza ndawonye ngangingazi lutho ngaye. Kwakungumuntu esasisebenza ebhilidini elilodwa enkampanini eyodwa sibingilelane nje.”
Uqhube wathi ngesikhathi abaphathi bebabiza bebatshela ngabakulindele kubo ohlelweni, lona wesilisa wanximfa waphuma ephoxekile kodwa wazitshela ukuthi unenkinga nabaphathi, hhayi naye.
“Kusuka ngalolo suku kwakungekuhle. Ngisho ukuhlala ndawonye senze uhlelo wayengafuni lutho olunami. Wangenza ngazizwa ngiyinto engelutho. Ukungahlonishwa kwakukukhulu. Wangenza ngazizwa sengathi akungifanele ukuba lapha. Futhi wenza isiqiniseko sokuthi ngiyakuzwa ukungangithandi kwakhe.”
“Ngangibeka izaba ngokuthi kungani engiphatha kanje ekhanda lami ukuze kuzokwenza umqondo kimi. Yonke into engangiyishoyo kwakungathi ngiyisicefe, isidima yinto engathi shu, ngiyisilima futhi ngiyamphazamisa ngoba ngangizwa sengathi wuhlelo lwakhe. Wayenza yonke into, avale umbhobho ngisakhuluma, angithethise abuze yonke into engiyenzayo ethi ayikho esimeni.”
Uthe wagcina ekuzonda ukuya emsebenzini futhi wabatshela abaphathi kodwa kwangashintsha lutho.
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, uthe akukho angakuphawula ngoba ubengakayiboni i-video.
UNomfundo uthe kwakuyisihogo ukusebenza nalona wesilisa.