SEKUQUBUKE indida nomsindo mayelana neTop 10 yoKhozi FM, kangangoba sekukhona abashaywa amakhala ngobuqiniso bayo.
Nakuba kunjalo kodwa iziphathimandla zeSABC zithi konke kusahamba ngokohlelo. Isolezwe lithole ngomthombo walo osondelene nalesi siteshi, ukuthi iningi lamaciko akwiTop 10, akuwona avotelwa kakhulu. Ngokwezibalo eziputshukile, uMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele wathola amavoti awu-2 464 ngengoma ethi Amajitha, kwalandela ekaNosizwe ethi Baba KaThemba ngamavoti awu-2 135, kweza uDJ Cndo ngamavoti awu-2 075 ngengoma ethi Hezekiya. Kwaba uDJ Hlo ngamavoti awu-1 938 ngengoma ethi Visa. I-All Nations Christian Church in Zion iwunombolo-5 ngamavoti awu-1 925 ngengoma ethi Sengiyacela Nkosi. USkweletu, okhona kwiTop 10 yakulo nyaka, wathola amavoti awu-1 383 ngengoma ethi Inja Endlini. Umculi kamaskandi, uSaliwa, wathola amavoti awu-1 035 ngengoma ethi Suka Sishimane. UBetusile, okhona kwiTop 10, wathola amavoti awu-793 ngengoma ethi Ngena Noah. Amasoka Amahle athola amavoti awu-790 ngengoma ethi Sihamba Ngolayini. USandilisizwe wazuza amavoti awu-760 ngengoma ethi Sesiyajola. Ithwasa Lekhansela, elikhona kwiTop 10, lathola amavoti awu-727 ngengoma ethi Awungodli. UGatsheni ngengoma ethi Yimi Umalume wathola amavoti awu-711. UYani ngengoma ethi Ngilinde wathola amavoti awu-630. UBello noGallo ngengoma yabo ethi Imali Iyagezana, bathola amavoti awu-619. UMalungelo, okhona kwiTop 10, wathola amavoti awu-616 ngengoma ethi Ngidlisiwe, kwathi uLimit wathola amavoti awu-537 ngengoma ethi Abafana Badlala Ngathi.
Lolu hlu wolwezingoma ebezikleliswe esigabeni esibizwa ngeTop 20 with Votes. Kolunye uhlu olubizwa ngeChart Show Top 2 bekukhona uKO ngengoma ethi Sete, uDJ Tira ngengoma ethi Sikilidi, Mobi Dixon ngengoma ethi Mafikizolo, DJ Maphorisa ngengoma ethi Ba Strata noBig Zulu ngengoma ethi Voicemail. NgoLwesithathu kubuye kwasuka omunye umsindo ngesikhathi kuzwakala ingoma kaMthandeni ngesikhathi kudlalwa izingoma eziqokwe kwiTop 10. UMthandeni ube esebhala kanje ekhasini lakhe leFacebook: "Sekuvele kwadlaleka ingoma yami yodumo ethi Amajitha ngephutha oKhozini FM, bebethi badlala iTop 10 ezokwehlukanisa unyaka, kwangena Amajitha ngephutha. Avela amahlazo. Vele ngaphuma phambili ngamavoti. Ngiyakwazi lokho nokuthi wubani owavimba lokho ngiyazi, nguye lo ohlulwa wukucula akhulume izindaba zabantu..."
Isolezwe libuye lathola ukuthi umuntu owaqoka laba baculi yisikhulu esikolunye uphiko eSABC. Abasakazi kulokhu bavalelwa ngaphandle, okwenza nabo bangalwenameli uhlu olukwiTop 10 futhi abagqugquzeli muntu ezinkundleni zokuxhumana.
Oyisikhulu esiphezulu eSABC, uNksz Gugu Ntuli, uthe abukho ubuhixihixi kwiTop 10 yoKhozi kodwa konke kuhamba kahle."Iziphathimandla zoKhozi zingakuqinisekisa ukuthi yonke into imi ngomumo mayelana nomkhankaso wengoma ehlukanisa unyaka. Kungamanga ukuthi uhlu lokugcina lwezingoma eziyishumi ezihamba phambili emkhankasweni, alukhethwanga ngendlela. Izingoma eziyishumi zikhethwe ngabalaleli ngohlelo lokuvota ngamaSMS nakwiTop 20 yomsakazo."
Uthe lezi zingoma ngezigunyazelwe ukudlalwa wuKhozi kulo nyaka. "Lokhu kuqinisekisa ukuthi izingoma zathunyelwa ngendlela yakhona futhi zaphumelela uhlelo olusetshenziswa ukwamukela ingoma. Yikomiti elakhiwe ngabasebenzi basesiteshini elakuhlalela phansi ukuhlungwa kwezingoma. Ngakho kungamanga ukuthi kunomuntu wangaphandle owabamba iqhaza kulolu hlelo," kusho uNksz Ntuli ongafunanga ukuthumela uhlu olunamavoti.
*Khonamanjalo nazi izingoma ezihamba phambili kwiTop 10 kuleli sonto yize engabhaliwe amavoti. 1.Skweletu- Inja Endlini, 2. Ithwasa Lekhansela -Kawungondli, 3. Betusile - Ngena Noah, 4. Big NUZ -Ngeke, 5. K.O - Sete, 6. Big Zulu -Voicemail, 7.DJ Tiran -Sikilidi,8. Malungelo - Ngidlisiwe,9 Skye -Amazwi noDJ Maphorisa&Visca - Ba Strata.