BAVUSWE yiphimbo likaSiya Mhlongo ngoLwesithathu ekuseni abalaleli boKhozi FM ngemuva kokumiswa komethuli wohlelo, uDJ Sgqemeza.
UDJ Sgqemeza, owethula uhlelo iVuka Africa Breakfast Show ngo-6 kuya ku-9 ekuseni phakathi nesonto, ungena ngokubambisana noMroza Buthelezi.
UMroza ubebambisene noSiya kulolu hlelo namuhla.
“Isesekhefini igenge enye,” kusho uMroza ngesikhathi uhlelo lusanda kuqala.
USgqemeza akamisiwe yedwa kepha nomdidiyeli wohlelo, uBabheke Mthethwa, kanjalo nomdidiyeli wemisindo, uMandla Magwaza.
Okhulumela iSABC, uGugu Ntuli, ukuqinisekisile ukumiswa kwalaba bobathathu kodwa wangabadalula amagama. Uthe ukumiswa kwabo kuza ngemuva kophenyo lwangaphakathi.
“Abaphathi ngeke bakhulume ngalolu daba ngoba luthinta ubudlelwano bomsebenzi nesisebenzi obulawulwa yimithetho yenhlangano,” kusho uGugu.
Akacacisanga ukuthi laba bazobuya nini futhi bamiselweni.
Kwenzeka lokhu nje, nomsakazi wohlelo lwasekuseni phakathi nesonto kwiGagasi FM, uFelix Hlophe, naye umisiwe emsebenzini.