IZINKINGA ezihambisana nokukhethwa kwengoma ezohlukanisa unyaka emsakazweni uKhozi FM, ziya ngokuqonga njengoba abantu behlala beshaya amakhala.
Lokhu kuqale ukwenzeka eminyakeni emibili edlule kunqoba u-DJ Hlo ngengoma ethi Isibani, kulo nyaka kungenwe ngekaKhuzani ethi Umjolo nayo esuse umsindo. Luze kuthinteka nohlelo kanjalo nabasakazi abasuke bephethe uhlelo oluzofaka abantu onyakeni omusha ngengoma edle ubhedu.
Umsakazi oseyinkakha, uLinda 'Mr Magic' Sibiya uphefumule okokuqala ngendlela okusingathwa ngayo lolu hlelo. UMr Magic uqophe ividiyo wayisabalalisa ezinkundleni zokuxhumana, eveza ukuthi kushaye kwazwela ukuzwa kukhalwa ezinkundleni zokuxhumana ngendlela okwenzeka ngayo izinto manje oKhozini.
"Ngenza le vidiyo ukunitshela balaleli boKhozi FM ukuthi kukhona inkinga ngengoma yokuhlukanisa inyaka. Ngiyababona abantu abavotayo, nabantu abavotelwe futhi angifuni ukungena kuyona. Anike yinibheke into yomsakazo nabasakazi, anike niyibheke bese isithunzi soKhozi siyabuya.
Kule minyaka ewu-20 enginayo newu-17 kuKhozi FM siyazi isipiliyoni nokunikeza abasakazi izinhlelo (ukuthi) kuhamba kanjani. Hambani nithathe izinkakha zomsakazo, sinothando. Uma nihleli nicabanga ukuthi sithini ngomsakazo uma sihleli sibuka okwenzekayo, " kusho uMr Magic.
Eqhuba ubale izinkakha zabasakazi uJoe Wudla, Mandla, Vicky Masuku nabanye abachaze njengabantu abawuthandayo umsakazo futhi abangaba nesandla ukuwukhulisa. UMr Magic wenze isibonelo sendlela okumele engabe umsakazo uhlela ngayo uma kuzohlukaniswa unyaka.
"KuKhozi FM ngiyanicela kubasakazi abahlukanisa unyaka, akube ngoyedwa onabalaleli abaningi onohlonze. Noma babe babili estudiyo ngaphakathi, bangafakwa emcimbini ebambisene nomsakazo," kusho uMr Magic.
Ephetha ucacise ngokuthi akalubhalelanga uKhozi ngoba kwakhishwa konke okwakunaye emsakazweni, maqede kwathathwa isinqumo sokuthi angaphinde asetshenziswe kunoma yini enoKhozi FM.