KUNGAKAPHELI sikhathi esingakanani umsakazi weMetro FM, uDJ Naves ememezele ukuthi uyashiya esiteshini, sekuphinde kwahamba omunye umsakazi.
UNaves obegcina ngempelasonto, ubethula uhlelo iKings of the Weekend nomngani wakhe uDJ Sphectacula ngo-7 kuya ku-10 ebusuku njalo ngoMgqibelo. USphectacula usesele yedwa.
Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi omunye umsakazi osehambile nguNonkululeko “DJ Le Soul” Mdlalose odabuka KwaMashu.
Ushiye kungakapheli nonyaka afika njengoba waqala ngo-Ephreli nyakenye ezokwethula uhlelo lomculo iThe Urban Beat noRyan the DJ njalo ngo-10 kuya ku-12 ebusuku ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.
Umthombo weSolezwe ulihlebele ukuthi lo msakazi uzishiyele yena esiteshini futhi bekungekho zinkinga ebezikhona.
“Yonke into ibihamba kahle ohlelweni kodwa inkinga wukuthi uLe Soul unguDJ oqashwa ezindaweni ezahlukene, ikakhulukazi ngoLwesihlanu nangoMgqibelo, okuyizinsuku adingeka ngazo emsakazweni,” kusho umthombo.
Uthe uJanuwari yinyanga yakhe yokugcina, okusho ukuthi uhlelo lwakhe lwangempelasonto eyedlule bekongolokugcina.
Umkhulumeli weSABC obambile, uMmoni Seapolelo, ukuqinisekisile ukuthi uDJ Le Soul usulile kwiMetro, ukuyoqhuba ezinye izinhlelo zakhe.
“U-DJ Le Soul ubeyilungu elibalulekile lesiteshi futhi simfisela konke okuhle,” kusho uSeapolelo.
Ethintwa uLe Soul uvumile ukuthi usehambile kwiMetro. Ubonge abaphathi besiteshi ngokumnika ithuba kanjalo nabalaleli.
“Ngibe nesikhathi esimnandi, ngakwazi ukufeza iphupho lami lokusebenzela isiteshi esikhulu. Isinqumo sokushiya asibanga lula ngoba bengisathanda ukusebenzela iMetro kodwa ngenxa yamanye amathuba, ngibone kungcono ngihambe. IMetro ifana nekhaya kimi futhi ngiyathemba ukuthi ngizokwazi ukuphinde ngibuye,” kusho yena.
Uthe unochungechunge lwemicimbi azonandisa kuyo, ikakhulukazi ngaphandle kwakuleli, okuyithuba abengeke akwazi ukuliyeka.
Unxuse abalandeli bakhe ukuthi bahlale emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana, ukuze bezokwazi ukuthi kwenzakani kuye.