PHEZU kwezinkulumo nomsindo, uKhuzani ukuphindile lokho ekhala emuka nesicoco sengoma ehlukanisa unyaka kuKhozi FM ngo-2023.
UKhuzani, ehambisana noLuve Dubazane, uphume phambili ngenoni lakhe elithi Umjolo Lowo.
Kwenzeka lokhu nje uKhuzani uke wabahudula abaculu kwaze kwaba ngamasonto amabili emuva kokuba uMthandeni ehlale phambili ngesikhathi umjaho usaqala.
Nakuba kunjalo uMthandeni SK, obehambisana noLwah Ndlunkulu, ugcine elale isibili ngengoma ebiyintandokazi kwabaningi ethi Paris.
Uwina nje uKhuzani bese kunezinkulumo zenye intatheli, edalule ukuthi kunobudlelwano phakathi kwesikhulu soKhozi nelinye ibhange, okumbeka ethubeni lokunqoba. Kubuye kwaqhamuka u-Owen Ndlovu wanqumela uKhuzani ugwayi katiki ukuba ahoxe emjahweni uma engafuni aphenye ibheshu. Naye uthe uphethe amafayela angalungile ngoKhuzani.
Nozibiza ngomphathi kaDlala Thukzin, uDogg DBN, ubengazibekile phansi. Naye eqanganisa. Phezu kwalawo mathizethize, wadlula kanjalo yadlula kanjalo eyaseNdlovini kulo mqhudelwano.
Bese kungokwesibili uKhuzani ehlabana kulo mqhudelwano njengoba ngo-2020 adla umhlanganiso ngeJele.
Nakulowo nyaka uMthandeni walala isibili. Bake baqhathwa nakwiKhuphuka Nezakho eCurries Fountain Stadium, eThekwini, kwaphinda kwawina uKhuzani.
UDlala Thukzin uphume isithathu ngenoni lakhe elishisa izikhotha iNingizimu Afrika jikelele, elithi iPlani. Amavukane uMlue Vez, Slue & Keke Makhetha baphume unombolo 4 ngengoma ethi Themba Lami.
UDumi Mkokstad ulale isihlanu ngengoma ethi Angimbonanga. UK-yos, ehambisana noMthunzi, ungene endaweni yesithupha ngengoma ethi Ufunani.
U-Andile KaMajola, obesenxenxelwa amavoti nawuNyazi Lwezulu, ungene endaweni yesikhombisa ngengoma ethi Konke. UDJ Kotin, ehambisana neBig NUZ, engomeni ethi Hello, uhlale kunombolo 8. UHarry Cane, Master KG noDJ LaTimmy bangene kunombolo 9 ngengoma ethi Dubula kwathi uMellow& Sleazy bayibamba ebhulekini ngengoma ethi Imnandi Lento.