MHLELI: Ngifisa ukubongela iBafana bafana ngemiphumela ethokozisayo emva kwesikhathi eside kubhimba uhlelo futhi ngithemba nezikhulu zeSafa ngeke zisihlinzele ezibini kulokhu. Phela ungathuka sewuzwa kuthiwa "akahloniphanga usibanibani" axoshwe.
Yebo ibhola abalidlalayo alimnandi kodwa konke kunesikhathi sakho. Imidlalo yobungani eyokwakha ibhola elimnandi kodwa eyokuhlunga eyokuthola imiphumela. Ngithanda ukubonga umqeqeshi weqembu lesizwe ngokukhombisa izinhloso zokwakha hhayi yonke le nto ekade ilokhu yenziwa egameni lokwakha. Indlela umqeqeshi uHugo Broos aqoka ngayo abadlali icacile futhi usebenzisa abadlali abasebasha nabalidlalayo ibhola hhayi abalixoshayo.
Sekusele emaqenjini ukumlekelela ngokudlalisa injejane hhayi izinkonqoba. Kuyoba kubi uma umqeqeshi engavumela abamele abadlali bamonele umsebenzi omuhle awenzayo. Abathandi bebhola bafuna lokhu asabanika khona. Ngiyabonga ithuba.
Thabani P. Mtshali
KwaDukuza