USIHLALO waMaZulu FC, uSandile Zungu, ucacisa ngesizathu sokuqasha uPedro Dias njengeDirector of Football.
Esitatimendeni esikhishwe yileli qembu, kuvele ukuthi uDias (50) odabuka ePortugal, useke wasebenza emaqenjini ase-United States of America (USA), Canada, New Zealand nangakubo ePortugal.
Kuthiwe akamusha kuleli njengoba useke wasebenzisana nezinkulisa zasePitoli, Rustenburg naseGoli ngo-2015.
UZungu utshele Isolezwe ukuthi zingaphezu kuka-40 izicelo zomsebenzi ebezifakiwe. Babe yishumi abagcine beye kwihlolokhono.
UDias uqashwe kade sekusele abathathu bokugcina. Kulesi sibalo, inhlolokhono beyingamahora amabili umuntu ngamunye.
Uthe okukhulu kunakho konke abakulandele kuDias wukuthi enze isiqiniseko sokuthi kusukela ezinkulisa zabo kuya eqenjini elikhulu kudlalwa ibhola elilodwa, kuba nesikompilo elilodwa eqenjini.
"Siyamemukela uDias oSuthwini. Senze uphenyo olunzulu ngaphambi kokuthi angene emabhukwini ethu. Uwumuntu osemnkantshubomvu kulo msebenzi. Sithole ukuthi ezindaweni asebenze kuzo, ushiye enze umsebenzi omuhle.
Njengoba sengishilo, okukhulu esikubheke kuDias, sifuna kusukela ezinhlakeni eziphansi kuya phezulu, kube nesikompilo elilodwa, kudlalwe nebhola elilodwa.
"Izinto kumelwe zenziwe ngendlela efanayo. USuthu kumele luzakhele igama ngokudlala uhlobo olwehlukile lwebhola. Inhloso enkulu wukuthi eminyakeni ezayo sikwazi ukonga imali esithenga ngayo abadlali.
Sekufike isikhathi sokuzikhiqizela. Sekuyisikhathi sokuthi uSuthu luthole ukuhlonishwa okufanele," kubeka uZungu.
Uthe ngeke bamfakele ingcindezi uDias.
"Uhlobo lomsebenzi oqashelwe (lona) ludinga isineke. Uzosebenzisana nabo bonke abaqeqeshi. Izithelo zokuqasha uDias sizilindele eminyakeni embalwa ezayo.“
UZungu ubuye waveza ukuphatheka kabi ngokuhluleka kwezakhe ukunqoba izinkomishi. Ugcizelele isifiso sakhe esikhulu sokuthi AmaZulu ahlanganise iminyaka eyikhulu esenqobe noma ngesisodwa isicoco.
"Nakuba sesijoyinwe wuDias kodwa ngithanda ukukuveza ukuthi ngeke simjahe. Empeleni ngisazoqhubeka nokungena ngigamanxe ephaketheni uma kuziwa ngasekuthengeni abadlali.
Ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi sihlanganisa iminyaka elikhulu, ngo-2032 okungenani sesinaso isicoco esisodwa noma ezimbili," kubeka uZungu.