ULIFUNA ekhaya ibhande leWBF International umshayisibhakela waKwaZulu-Natal, uMxolisi Zuma, othwelwe ngeqoma ezimpini ezizoba ngoMgqibelo, eMtshezi.
UZuma (4-0-0) waseNdlangubo, eMpangeni, uzoxhimfana no-Awonke Tini (4-0-1) wase-Eastern Cape, kwenye yezimpi zosuku ezihlelwe yiHlula Dladla Promotions ezibizwa ngeVulamasango Boxing Tournament, ezizoba ngo-2 ntambama e-Estcourt Town Hall.
Bazoqhuthana esisindweni se-featherweight. UZuma obeyingqwele esigabeni sama-amesha, akayazi induku ezimpini ezine asazilwe esigabeni esikhokhelayo futhi zonke uziwine ngomngqimuzo womlalisa phansi.
"Kusho lukhulu kumina ukuthola ithuba lokulwela ibhande leWBF. Njengomshayisibhakela indlela yami ibheke emabhandeni omhlaba. Kuseyisiqalo lesi. Kumele ngizibambe ziqine kule mpi, ibhande ngiliyise ekhaya. Kumele lisale lapha KwaZulu-Natal," kusho uZuma.
Ugcine ukungena eringini ngo-Ephreli, lapho enqobe uSabelo Mazibuko, ezimpini ebezihlelwe ngokubambisana yiMvelo Promotions, neHle-Jobe Promotions eMgungundlovu. Ungomunye wabashayisibhakela abayizintandokazi zabathandi bamankomane eKZN, ngenxa yekhono lakhe eringini.
UZuma uthe unengcindezi yokuwina ibhande leWBF ngenxa yempumelelo yakamuva yozakwabo eSibongile Boxing Club, eseDundee. UTheo Mhlungu, uwine ibhande leKZN mini-flyweight ngo-Ephreli, walandelisa ngeleWBF International Light Flyweight ngenyanga edlule. UBathabile Ziqubu ubuye neleWBF International Super Flyweight, ngo-Ephreli.
"Ingcindezi ikhona, selokhu bezithathile izococo phambi kwami. Ikhona futhi, hhayi kancane. Kodwa nakimi kuzolunga. Yingcindezi enhle enempumelelo ngokwamathuba esiwatholayo. Akukho okukhethekile esikwenzayo lapha ejimini. Wukusebenza kanzima nje, namaqhinga esiwasebenzisayo nokuwashintsha uma kukhona angasisebenzeli," kusho uZuma.
Kwenye impi ebhekwe ngabomvu, uSithembiso Maduna waseMnambithi, uzobanga ibhande leKZN Featherweight noLindelani Sibisi.
Ezinye izimpi zimi kanje:
Junior Featherweight (4 Rounds): Sakhile Hlatshwayo v Eric Zwane
Junior Flyweight (4 Rounds): Nhlakanipho Kunene v Thembinkosi Mthembu
Flyweight (6 Rounds): Mthobisi Nkosi v Thami Luthuli
Flyweight (4 Rounds): Mncedisi Duze v Thabani Mkhwanazi
Featherweight (4 Rounds): Sizwe Buthelezi v Khehla Dlamini
Lightweight (4 Rounds): Tyrone Schaper v Dean Groom
Lightweight (6 Rounds): Kwenzokuhle Qwabe v Maqhawe Damoyi
Bantamweight (4 Rounds):Lungisani Mnculwane v Siyanda Gumede
Welterweight (4 Rounds): Sicelo Mkhwanazi v Thabiso Mthembu
Welterweight (4 Rounds): Thanduxolo Lulama v Sizwe Ntanzi