UNOZINTI nokaputeni weBafana Bafana, uRonwen Williams, uthi ngeke balenze iphutha lokuyithatha kancane iMorocco abayithela induku emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngonyaka odlule.
IBafana Bafana izotholana phezulu neMorocco emdlalweni we-Last 16 ye-Afcon, eLaurent Pokou Stadium, eSan Pedro, e-Ivory Coast, ngoLwesibili ngo-10 ebusuku.
IBafana yedlulele emzuliswaneni we-Last 16 ngokuqeda endaweni yesibili kuGroup E, kwathi iMorocco yaqeda iqhwakele phezulu kuGroup F ingashaywanga.
Kuzokhumbuleka ukuthi womabili la maqembu ahlangana emidlalweni yokuhlungela i-Afcon lapho khona iMorocco yaguqisa iBafana ngo 2-1 kowomlenze wokuqala eRabat, eMorocco, kwathi kowomlenze wesibili iBafana yabuyisa izinduku ithela othulini iMorocco ngawo u 2-1 ngoJuni nyakenye, eGoli.
“Yebo, sidlalile nabo (iMorocco) kabili emidlalweni yokuhlungela i-Afcon, ngakho siyakwazi esikulindele kubona.
Bona sabashaya emdlaweni womlenze wesibili, kodwa lokho akusho ukuthi lo mdlalo esiyowudlala nabo ngoLwesibili uzoba ngolula, ngoba kuzobe sekungumdlalo ohluke kakhulu kunalowaya esabahlula kuwona, ikakhulukazi njengoba basebevele sebezibekisele indawo kwi-Afcon (yakulo nyaka),” kusho uWilliams ekhuluma nezintatheli esingathangamini nabezindaba ngoLwesihlanu, eKorhogo, e-Ivory Coast.
“Bazoza kithi bethelwe ngezibonkolo, ngakho-ke silindele umdlalo onzima, kodwa futhi sizolwa.”
Umqeqeshi, uHugo Broos uthe kulesi sigaba somqhudelwano we-Last 16 kusuke sekungenzeka noma yini.
“Yimpi enzima le esiyobhekana nayo, kodwa ebholeni izinto ziyenzeka, ungabheka osekwenzeke emidlalweni yesigaba samaqoqo muva nje, ngakho-ke kulesi sigaba esikuso njengamanje sekungenzeka noma yini.
“Uyabona uma ukwaze ukushaya iqembu elinjengeMorocco, usuke sewusethubeni lokufinyelela ngisho kowamanqamu ngoba usuke usudlule eqenjini elinzima,” kusho uBroos, okungamakadebona kulo mqhudelwano we-Afcon.
Ebuzwa lo mqeqeshi ngoKhuliso Muda noMothobi Mvala abathintekile emdlalweni wangoLwesibili leli qembu lidlala ngokulingana ngo 0-0 neTunisia, uthe kuyathembisa kakhulu ukululama kwabo.
“Ukuthinteka kukaMothobi akukubi, uyelashwa njengoba sikhuluma nje, ngakho kungashaya uLwesibili esekulungele ukudlala.
“UKhuliso naye nganginokungabaza ngemva komdlalo wethu neTunisia ngimbona ehamba kanzinyana, kodwa ngithe uma sengimbona ngosuku olulandelayo ngambona esehamba kahle futhi engasaqhugi.
“Naye uyelashwa, futhi ukwelashwa kwakhe kuhamba kahle, ngeke esaba nayo inkinga. Nginethemba lokuthi ngoLwesibili uzobe esekulungele ukudlala.”
UMudau oyiqongqotha emuva ngasohlangothini lwesokudla waphuma eseqhuga emdlalweni wangoLwesibili neTunisia, ekhombisa ukuthinteka eqakaleni.