EMUVA kwamasonto ambalwa ebe sezindabeni ngokucwaswa ngokwebala eSpain, uVinicius Jnr, oyisilomo seReal Madrid neBrazil, sekuvele ukuthi ungumdlali obiza ukubedlula bonke emhlabeni jikelele njengamanje.
Ngokwemininingwane ecoshelwe yiCIES Football Observatory, ibheka ukubiza kwabadlali njengoba kuzovuleka iwindi lokuhwebelana ngabo. Imininingwane iveza ukuthi uVinicius ulalisa phansi uKylian Mbappe weParis Saint Germain neFrance ngokunjalo no-Erling Haaland weManchester City neNorway.
Inkontileka umdlali akuyo eqenjini lakhe kuthiwa yiyo eba nomthelela omkhulu ekutheni ubiza kangakanani kwazise unyuka kakhulu uma kungeyeminyaka emithathu.
UVinicius, obekwe ku-315 million wama-euro (R6 billion), usalelwe ngunyaka enkontilekeni yeminyaka emithathu kwiReal nokungenza ukuthi abamfunayo bakwazi ukumthola okungenani ngo-196.3 million wama-euro (R4 billion).
UMbappe, osendaweni yesibili ngo-262 million wama-euro (R5.1 billion) kodwa naye abamfunayo manje bangamthola ngo0163 million wama-euro (R3.3 billion) ngenxa yokuthi inkontileka yakhe kwiPSG iyaphela ngesizini ezayo.
UHaaland, ongumshini okhiqiza amagoli yena ulandela ku-245 million wama-euro (R5 billion). Ngenxa yokuthi usanenkontileka yesikhathi eside neCity, abamfunayo bazokhokha yona le mali ebhalwe ngenhla nokungenza abe ngaphezulu kukaMbappe noVinicius.
Kulandela uJude Bellingham weBorussia Dortmund endaweni yesine obiza u-225 million wama-euro (R4.6 billion). Abamfunayo njengamanje, kwazise ukhonjwa kwiReal, bazohlukana no-190 million wama-euro (R3.9 billion).
Endaweni yesihlanu kuza inxele elisanda kwelula inkontileka kwi-Arsenal, uBukayo Saka ngo-196 million wama-euro (R4 billion).
Emuva kukaSaka kulandela uPedri Gonzalez (178 million wama-euro/R3.6 billion) noPablo Gavi (174 million wama-euro/R3.5 billion) beBarcelona nabo abanezinkontileka zesikhathi eside nompetha baseSpain.
Abahlanganisa uhla lwabayishumi, nguJamal Musiala weBayern Munich neGermany (170.2 million wama-euro/R3.4 billion) noPhil Foden weCity (166.8 million wama-euro/R3.4billion).
UHaaland ubhekiwe kowamanqamu e-Uefa Champions League weMan City ne-Inter Milan e-Istanbul, eTurkey ngo-9 ebusuku. -Malibongwe Mdletshe