UDAVID Thidiela, oyilungu le-Executive Committee (Exco) yeNational Soccer League (NSL) eliphumayo, uphosele inselelo isigungu esizongena yokuthi sisebenze kanzima ukulungisa izinkinga ezikhungethe ibhola lakuleli.
UThidiela (73), ongumnikazi weBlack Leopards, ukuqinisekisile ukuthi useyashenxa ebholeni ngenxa yokuhanjelwa yiminyaka. Uyena kuphela ilungu lesigungu esesiphelelwa yisikhathi elingaphakanyiswanga ohlwini okuzokhethwa kulona ngoNovemba 11.
Amanye nguKaizer Motaung weKaizer Motaung (Kaizer Chiefs), Mato Madlala (Golden Arrows), John Comitis (Cape Town City), Stanley Matthews (SuperSport United), Rejoice Simelane (Mamelodi Sundowns) noRobert Benardie (Stellenbosch).
Usihlalo wePremier Soccer League (PSL) engaphansi kweNSL, u-Irvin Khoza owangena kulesi sikhundla ngo-2003, ngeke asibange namuntu.
“Ngineminyaka engu-73 manje. Nginqume ukuhoxa. Ngaqala kuseyiNPSL, ngisuka kude nebhola. Manje sekuyisikhathi sokuhlala phansi. Ngisho nemidlalo yeBlack Leoapards ngizobuka eyasekhaya kuphela. Kukhulu esesikwenzile ebholeni kodwa besingenza okungaphezulu. Kodwa-ke uMdali uyena owaziyo,” kusho uThidiela.
Angu-11 amalungu okuzokhethwa kuwona ayisikhombisa azothwala ijoka lokusa phambili ibhola lesigaba esikhokhelayo eMzansi. Amalungu abuyile wonke ngaphandle kukaThidiela. Amanye asethubeni lokungena kwi-Exco ngu-Abram Sello (Marumo Gallants), Johnny Mogaladi (Polokwane City), Tim Sukazi (TS Galaxy), Sandile Zungu (AmaZulu) noSifiso “Jomo” Biyela (Richards Bay FC).
“Kubalulekile ukuthi ukuthi sithole abantu abasha. Sidinga abantu abasha ngoba bafundile. Bekuwumusa kaMdali ukuthi sizuze lokhu singafundile thina. Ngeke ngiyikhulume indaba yamanye amalungu neminyaka yawo yobudala kodwa ngizikhulumela mina, sengikhathele. Sengiyonaka amabhizinisi ami amancane. Abantu abaqokiwe lapha ngibona bezokwazi ukulithuthukisa ibhola. Abantu abanjengoZungu baphethe izinkampani ezinkulu futhi bangene ebholeni ngothando,” kusho uThidiela.
“Akukho okungako abakudingayo, kufanele balandele lokhu esesikwenzile bahloniphane. Akekho okufanele azitshele ukuthi ungcono futhi wazi kakhulu kunabanye. Yebo, iPSL ibalwa namaligi amakhulu e-Africa kodwa sekuyisikhathi sokuthi ibange nawase-Europe. Isigungu esisha kufanele sisebenze kanzima ukubuyisa abalandeli enkundleni, kungagcwali nje kuphela uma kudlala iKaizer Chiefs. Uma ingekho iChiefs, izinkundla azigcwali. Ngaphezu kwalokho, kufanele kuliwe nesimo sonompempe abenza amaphutha. Kumele kuwine amaqembu afanele.”
UZungu uthe kumjabulisile ukuqokwa.
“Kungigqugquzele ukuthi kukhona amaqembu abona ngingenza umehluko ebholeni. Singasho ukuthi zikhona izinto okumele zenziwe ebholeni lethu kodwa mukhulu umsebenzi owenziwe yisigungu esikhona,” kusho uZungu.