Lamontville Golden (1) 1
AmaZulu (0) 3
AMAZULU amphelezele ngamaphuzu amathathu uBongi Ntuli, umgadli wawo ofihlwe ngesonto eledlule, ngesikhathi evukela omkhaya bawo iLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership ngeSonto ntambama.
Usuthu lowunqobe ngo 3-1 lo mdlalo obuseMpumalanga Stadium. Kade kuyiwe ekhefini lulandela ngemuva ngo 1-0.
Abafana Bes'thende yibo ababone imbobo yepali kuqala ngegoli likaGladwine Shitolo ngomzuzu ka-17 kulo mdlalo womkhaya baKwaZulu-Natal.
AwoSuthu ashaywe u-Augastine Kwem obesuka ebhentshini ngomzuzu ka-80, 83 nasesikhathini esingeziwe sikanompempe.
Usuthu luye kulo mdlalo lusemanzini ngenxa yokudlula emhlabeni kwesosha lalo, uNtuli obengalibheki ipali. Ufihlwe ngesonto eledlule. Enkonzweni yokumphelezela, ukaputeni walo, uRamahlwe Mphahlele, ufongqe isigqoko kozakwabo ukuthi umdlalo wabo ne-Arrows bawunqobele uNtuli noma kanjani.
Uze wathi lokhu kungamjabulisa kakhulu uzakwabo lapho ekhona. Kunesikhathi lapho obese kucaca ukuthi AmaZulu asedliwe kolu mdlalo. Imizamo yabo beyiphelela eze.
Ngokwesibili kulandelana AmaZulu eshaya i-Arrows. Ngempelasonto edlule, abukise ngayo eyishaya ngo-3-0 kuma-qaurtefinal, eCarling Black Label Knockout.
Kweminye iminyakazo ye-Arrows kube nesibhudubhudu ebhokisini laMaZulu, uShitolo wagcina elibeke phakathi.
Esiwombeni sesibiili, Usuthu lubuye ngamandla kubhoke abadlali abafana noCelimpilo Ngema obesho ukuyidla luhlaza i-Arrows.
Kunesikhathi lapho uNgema ebethi uyamqeda uWatenga kodwa ibhola lakhe lashaya isigxobo sepali.
Kumele ashayelwe ihlombe umqeqeshi waMaZulu, uPablo Martin ngezinguquko azenzile esiwombeni sesibili. Ukungena kukaKwem kuwenzile umehluko njengoba evuke indlobane phambi kwamapali wagcina ephume namagoli amathathu abebewadinga.
Kolandelayo, ezikaMartin zizobhekana neStellenbosch, ngoNovemba 25, eMoses Mabhida Stadium. I-Arrows ecijwa uMabhuti Khanyeza, izodlala neCape Town City, eMpumalanga Stadium, ngoNovemba 26.