NAKUBA uStan Matthews oyisikhulu esiphezulu seSuperSport United, ekhala ngokungabi nankece eyanele yokuthenga abadlali kodwa uthi bazoya kwi-Caf Confederation Cup sebeneqembu eliqinile.
Kulezi zinsuku uMatthews uhleka yedwa njengoba iqembu liya kwiConfederation ngenxa yokusonga isizini ka-2022/23 lisendaweni yesithathu kwi-log ye-DStv Premiership.
Akubuzwa ukuthi lezi zindaba zehlisa okoju kumqeqeshi walo, uGavin Hunt njengoba kumasizini ambalwa edlule eke waphenduka ihlaya ngenxa yokuhlulwa yimiphumela esekwiKaizer Chiefs.
Kubukeka izinto zijwayele ukumhambela kahle uma esebenza kuMatsatsantsa a Pitori.
Kwihlandla lakhe lokuqala phakathi kuka-2007 no-2013 unqobe nawo iligi kathathu. Uphinde wanqoba umklomelo weCoach of the Season kathathu nenkomishi yeNedbank Cup.
UMatthews uthembise ngokuthi kabayile ukuyojika kwiConfederation nokuthi bafuna ukuba sembangweni wezinkomishi kuleli.
"Iqiniso lithi ngeke sikwazi okwamanje ukuqinisa zonke izindawo. Uma sifuna ukwenza kahle e-Afrika, MTN 8 nakwiCarling Black Label, kuzosiphoqa ukuthi ezinyangeni ezine zokuqala zesizini ezayo siqale sithwale kanzima.
“Sizobe sinesikwati esizacile. Lokhu ngeke kushintshe ngesikhathi kodwa kuzosiphoqa ukuthi sihlale phansi, siphume namaqhinga okuya e-Afrika sisesimeni esingcono. Asiqedanga endaweni yesithathu ngenhloso yokuyojika kowe-Caf. Sisebenze kanzima.
“Kuzosiphoqa ukufaka abadlali bethu abasebancane emphandwini wezingonyama. Eminyakeni ewu-15 noma ewu-17 eyedlule, sisaqala ukudlala emqhudelwaneni we-Caf, senza okufanayo. Saphonsa esizibeni abafana noKamohelo Mokotjo, Ronwen Williams nabanye. Badlala kahle kakhulu," kubeka uMatthews.
Ugcizelele ukuthi bathungatha unyazi lo mgadli.
Nakuba besanda kusayinisa isitobha, uRonald Pfumbidzai obekwiChippa United, uthe bazingela isitobha esidlala maphakathi nasohlangothini lwesobunxele nakwesokudla.
Abanye ngabadlala maphakathi nenkundla ezinhlangothi zombili.
"Sizophinde sinyuse abadlali ababili noma abathathu abadlala kwi-DStv Diski Challenge. Sinesitobha esisesincane esidlala maphakathi esisithathe kwiRandburg ezinyangeni ezedlule. Mhlawumbe senike nambona u-Imeh Okon, uqatha unamandla.
“Ufunze uBongani Khumalo ngejubane. Usazoba yinkinga kwi-DStv Premiership. Uma ubuza uHunt uzokutshela ukuthi uyazisola ngokungamfaki kwiNedbank Cup. Ukufaka kwakhe u(Thamsanqa) Gabuza maphakathi emuva akumsizanga ngalutho. Baningi abanekhono eqenjini lethu leDiski. Kukhona abanjengoJabu Mazzeo, Keenan Bezuidehout, Tendai Matodzi ukusho abambalwa".
Lesi sikhulu sikufanise nesibusiso ukuba nomqeqeshi ofana noHunt nomdlali onjengoThulani "Tyson" Hlatshwayo.
"Okunginika ithemba ukusebenza nomuntu onjengoHunt. Ukusebenza ndawonye akuyona into entsha kithina. Simqashe ngoJulayi 14 (nyakenye) kodwa bheka ukuthi iqembu uselibeke kuphi. Sinikeni ezinye izinyanga nizobona kuzokwenzekani.
"Ngesifanayo nakuTyson, ufike kithina egxekwa ngabaningi. Bheka nje ukuthi useshisa kanjani.“
NgoMsombuluko iqembu likaMatthews belenze umcimbi wokuklomelisa abadlali balo.
UHlatshwayo unqobe owokuba umdlali wesizini kwathi uHunt wathola oweChairman's Award.
Eminye imiklomelo ihambe kanje:
DStv Diski Challenge Top Goalscorer: Shandre Campbell.
Coach's Award: Gape Moralo.
Coach's Award: Innocent Mchunu.
DStv Diski Challenge Player of the Season: Shandre Campbell.
CEO's (Thomas Madigage): Thabo September noRoscoe Krieling.
Young Player of the Year: Thapelo Maseko.
Top Goalscorer: Bradley Groobler.
Player’s Player of the Year: Grant Margeman.