UMQEQESHI weJomo Cosmos, u-Ephraim “Jomo” Sono, uthi uReneilwe “Yeye” Letsholonyane “yigcokama lebhola” ebelinekhono elingandile lalo mdlalo nelibalwa nabadlali abaseqophelweni eliphezulu esizukulwaneni salo, abadlali banamuhla nabasafufusa abangafunda lukhulu kulona ngokuziphatha komdlali webhola elikhokhelayo.
ULetsholonyane (39), ozakhele igama kwiCosmos, PJ Stars, Kaizer Chiefs, Supersport United neBafana Bafana, umemezele ngokusemthethweni kuleli sonto ukuthi uyawagaxa amakhokho emgibeni ngemuva kweminyaka engaphezu kuka-19 eyibambe ebholeni elikhokhelayo.
Ugcine ukubonakala ngesizini edlule kwiTS Galaxy ebingomakoti kwiDStv Premiership ngesizini edlule.
“Ngiyaziqhenya kakhulu ngokuba yingxenye yokuthuthuka kukaYeye ebholeni. Ufikele la kwiCosmos eneminyaka engu-12 ubudala.
“Ngangilokhu ngimbhekile ekhula ekhombisa ukuba nezimpawu zokuba ngumdlali onekhono.
“Wathi esela ko-15 kuya ku-16 ngase ngimtshelekisa kwiPJ Stars (eyayidlala kwiFirst Division), wabuya kithina esengumdlali ovuthiwe.
“Okubaluleke kakhulu engingakusho ngoYeye wukuthi yigcokama lebhola. Ubengumdlali wasesiswini onekhono eliyisimanga, empeleni ubengomunye wabadlali basesiswini abaseqophelweni eliphezulu esizukulwaneni esingontanga yakhe.
“Ubenakho konke okudingeka kumdlali webhola, kuyishwa nje ukuthi akazange alithole ithuba lokuyodlala phesheya kwezilwandle nenginesiqiniseko sokuthi ukuba walithola wayeyobalwa nabadlali abaseqophelweni eliphezulu nakhona.
“Ngale kwalokho, into engiyithanda kakhulu ngaye wukuthi amahlombe akhe athwele ikhanda eliqukethe umqondo ozinzile, akulona ikhanda elithwele umqondo wotshwala nezidakamizwa nayo yonke le nyakanyaka. Ikhanda lakhe likahle, ubengumdlali oziphethe kahle kakhulu ohloniphayo, futhi engikholwa wukuthi nabanye abadlali abasafufusa ngisho nabanye abedlala nabo bangafunda lukhulu kuyena ngokuziphatha komdlali webhola elikhokhelayo.
“Ngisho naseminyakeni yobudala abese ekuyona ubengabonakali kalula ukuthi usemdala ngoba ubelithanda ibhola, futhi engumdlali oqatha kakhulu,” kusho uSono, ohlonishwayo eNingizimu Afrika ngokuba neso ekuboneni abadlali abanekhono.
Eqhuba uSono uthe: “Imali yakhe ayenzile ebholeni uyisebenzise ngobuchule, njengoba namhlanje enebhizinisi. Kanti-ke futhi uganwe ngowesifazane okhaliphile (uMpho Maboi-Letsholonyane ongumethuli wezemidlalo kwiSuperSport Babizebonke) ozomusa phambili empilweni. Ngimfisela okuhle kodwa empilweni, ikakhulukazi njengoba futhi esethatha nezifundo zokuqeqesha.”
Ngo-2018, uLetsholonyane nomngane wakhe owayenguzakwabo kwiKaizer Chiefs, uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, basungule iShaye Lounge, okuyindawo yokucima ukoma nokuzijuxuza, eseDobsonville, eSoweto.
ULetsholonyane, odabuka eWhite City, eSoweto, ngaphandle kwePJ Stars wadlala nakwiDangerous Darkies kwiFirst Division ngaphambi kokubuyela kwezeNkosi ngo-2006 zisadlala kwiPremiership ahlale kuzo amasizini amabili wabe esethathwa yiZimpofana anqoba nazo inqwaba yezicoco.
Nakuba esemathintanyawo okwamanje ngokucacisa ngokungena kwakhe ekuqeqesheni kodwa uLetsholonyane kumanje umatasa nezifundo ze-Uefa B License, kulandela ukuphothula ezeCaf C License.