INHLANGANO eyengamele ezemidlalo kuleli, iSouth African Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc), iqinisekise amagama abane bakuleli abazondizisa ifulegi lesizwe kuma-Olympic namaParalympic anonyaka azobanjelwa eParis, eFrance.
Ngokwenjwayelo wonke amazwe aqokwa abathile okuyibona abasuke bezophatha amafulegi emicimbini yokuvula nokuvala le miqhudelwano.
Kulokhu iNingizimu Afrika iqoke umsubathi, u-Akani Simbine, noCaitlin Rooskrantz odlala i-gymnastics ukuthi kube yibona abazondizisa ifulegi lakuleli kuma-Olympic azoqala ngoJulayi 26 aphele ngo-Agasti 11.
Umsubathi uMpumelelo Mhlongo nombhukudi uKat Swanepeol bazokwenza umsebenzi ofanayo kumaParalympic azoqala ngo-Agasti 28 aphele ngoSepthemba 8.
USimbine (30) uzomela uMzansi emjahweni ka-100m kuma-Olympic aphinde angene yingxenye eqenjini le-relay ka 4X100m.
Kuzobe kungokwesithathu engena kuma-Olympic kwazise wayekhona eRio ngo-2016 naseTokyo ngo-2021. Kuyona yomibili le midlalo wafinyelela kowamanqamu kodwa akabuyanga nendondo.
URooskrantz (22) uzongena kuma-Olympic okwesibili kulandela ukumela izwe okokuqala eTokyo. Wabuya nendondo yethusi kumaCommonwealth Games ango-2022.
UMhlongo (30) ugijima umjaho ka-100m esigabeni se-T44, adlale ne-long jump. Uzobuyela okwesibili kuma-Paralympic njengoba ayekhona kwawaseTokyo. Wanqoba igolide emjahweni ka-100m kuma-World Para Athletics Championships ngo-2023 nango-2024.
USwanepoel (36), obhukuda imijaho yamabanga ehlukene kwi-freestyle, breaststroke ne-Individual Medley, uzobuyela okwesibili kuma-Olympic. Phambilini wayedlala i-wheelchair basketball ne-wheelchair rugby ngaphambi kokungena kwezokubhukuda.
“Siyabahalalisela abasubathi abane abahlonishwe ngokuthi kube yibona abazophatha ifulegi lakuleli eParis, lapho bezogqama khona ngokuphelele emcimbini wokuvula le midlalo ozbukwa emhlabeni jikelele,” sisho kanje isikhulu esiphezulu seSascoc, uNozipho Jafta.
Emcimbini wokuvalelisa ithimba lakuleli eliya kuma-Olympic obubanjelwe e-Emperors Palace, eGoli, ngoLwesibili ebusuku, umengameli weSascoc, uBarry Hendricks, uthe uyethemba ukuthi bonke bazolimela ngokuzimisela izwe eParis.
“Ama-Olympic namaParalympic okugcina ayebanjelwe eTokyo ngo-2021 ahlehliswa ngonyaka ngenxa yobhubhane lwe-Covid-19. Kwadingeka ukuthi adlalelwe ezindaweni ezivalelekile kodwa uyezwakala umoya ohlukile ngalama-Olympics aseParis,” usho kanje.
“Kunesasasa elimangalisayo ngale midlalo kuthi nethimba lethu lizimisele ukudlala indima ukuze ibe yimpumelelo. Abasubathi bethu kufanele bakhumbule ukuthi bangamanxusa ezwe lethu.
“Kwabaningi lokhu kuzoba yingqophamlando ngakho-ke kumele bakuthokozele, bathole abangani abasha baphinde bajwayele namasikompilo ahlukene. Sibafisela inhlanhla bonke abazohamba.”
INingizimu Afrika yabuya nezindondo ezimbili zegolide, eziyisithupha zesiliva nezimbili zethusi kuma-Olympic ayeseRio, eBrazil, ngo-2016.
Isibalo sehla kakhulu kwayebanjelwe eTokyo, eJapan, ngo-2021, yathola indondo yegolide nezimbili zesiliva. Umbhukudi uTatjana Schoenmaker, oseshadele kwaSmith, wanqoba igolide nesiliva, elinye isiliva latholwa nguBianca Buitendag kwi-surfing.