ESINYE sezithenjwa zaMaZulu, uThembela Sikhakhane, sifaka inselelo kozakwabo oSuthwini nakubadlali beRichards Bay ukuthi banqobe noma kanjani kweyandulela eyamanqamu eCarling Black Label Knockout, ukuze kuzoba nesiqiniseko sokuthi le nkomishi isala KwaZulu-Natal (KZN).
Kusasa iBay izobhekana neStellenbosch emdlalweni wokuqala owandulela owamanqamu, ngo-3 ntambama, eKing Zwelithini Stadium.
NgeSonto ngesikhathi esifanayo, uSuthu luzokwamukela iTS Galaxy, eMoses Mabhida Stadium.
Isomiso sezinkomishi sidla lubi emaqenjini aseKZN.
Kwagcina ngeLamontville Golden Arrows ukudla isicoco, inqoba iMTN8, ngo-2009.
AmaZulu aphucwa iqatha emlonyeni yi-Orlando Pirates ngesizini edlule ehlulwa kowamanqamu ayo iWafa Wafa.
Sekuphele iminyaka engu-31 agcina ukunqoba inkomishi. Ayenqobe iCoca-Cola Cup ngo-1992.
USikhakhane owafika ebholeni elikhokhelayo nge-Arrows eyayimthathe kwiKwaGqikazi All Stars yaKwaNongoma ngo-2012, uthe kulihlazo ukuthi sekuphele isikhathi eside kangaka amaqembu aseKZN ehlulwa izinkomishi. Uthe sesifikile isikhathi sokuqeda leli shobolo.
"Sesiphelile isikhathi sokuchanasa kwamaqembu aseGoli. Nalapha KwaZulu-Natal sesinamaqembu amakhulu. AmaZulu yiqembu elikhulu nelinomlando onothile. Lifanelwe izinto ezinhle. Ngesizini edlule sibe nebhadi sishaywa iPirates kowamanqamu.
"Kulele kuthina badlali baMaZulu nakwabeBay ukuthi inkomishi yeCarling isala lapha. Uma sinqobe sobabili ngempelasonto kuzoba nesiqiniseko sokuthi isala lapha ngoba sobabili sizodlala owamanqamu. Siyazi sonke ukuthi kowamanqamu kuzonqoba AmaZulu," kubeka uSikhakhane efa insini.
Lo mdlali owake waba semabhukwini eZimnyama, uthe basizwe ukubambisana ukuze bafinyelele kulesi sigaba asebekuso kulo mqhudelwano.
“Iningi belingasiniki lutho kusukela emdlalweni wokuqala esashaya kuwo iKaizer Chiefs. Nakowesibili we-Arrows akekho obethi sizonqoba. Nasemdlalweni weGalaxy sizoqhubeka nokubambisana. Ngeke silenze iphutha lokuyeya ngoba nakhu sigabe ngokuthi sidlalela ekhaya. Idlala kahle kakhulu kulezi zinsuku.”
USuthu lusemanzini njengoba lusanda kushiywa obengumdlali walo uBongi Ntuli, ofihlwe emasontweni edlule. USikhakhane, odlala ohlangothini lwesokudla emuva, uthe wethemba ukuthi uNtuli izoba yidlozi elihle.
“UBongi ushone esazi isifiso sikasihlalo weqembu sokunqoba izinkomishi. Le nkomishi sizoyinqobela yena. Naye sicela asisize lapho ekhona ukuze kuzofezeka izifiso zabalandeli bethu nezabasebenzi bonke boSuthu."