UMQEQESHI weKaizer Chies, uNasreddine Nabi, ukholwa wukuthi umdlali wasesiswini uSibongiseni “Ox” Mthethwa, unayo indima azoyiklama kuleli qembu.
UNabi uveze lokhu nje, uMthethwa akakabonakali emidlalweni emibili ye-Betway Premiership esadlalwe yileli qembu.
Kuqubuke imibuzo ngekusasa likaMthethwa kuleli qembu laseNaturena, engabonakali nasebhentshini. Lokhu bekudalwa nayimibiko eke yevela ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali, yokuthi lo mdlali akekho ezinhlelweni zikaNabi, othathe izintambo ngaphambi kokuqala kwesizini.
Nokho uNabi ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu ebusuku, eThekwini, uthe uMthethwa usengomunye wabadlali abasezinhlelweni zakhe. Ubekhuluma ngemuva kokuba beshaye AmaZulu ngo 3-1 koweligi eMoses Mabhida Stadium.
“Kungani ningibuza ngoMthethwa kuphela? Sinabadlali abaningi, abangu-32, ngakho kufanele ngibahloniphe bonke. UMthethwa ungumdlali omuhle, onendlela yakhe yokudlala. Mhlawumbe angawuqala umdlalo weSundowns (kusasa),” kushaya ngamafuphi uNabi.
UMthethwa ujoyine iChiefs ekuqaleni kwesizini edlule esuka kwiStellenbosch ethwelwe ngeqoma yiningi labalandeli beChiefs njengoba ebeshaya into ecokeme kuleli qembu laseWestern Cape.
Nokho, lo mdlali odlale imidlalo engu-19 kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini edlule kuMakhosi, kubukeka engakafinyeleli ezingeni alikhombise kwiStellenbosch.
Ukulandwa kukaNjabulo Blom kwi-St. Louis City yase-USA embolekise kwiChiefs kuze kuphele le sizini, yikho kanye okuqinise izinsolo zokuthi selimshonele uMthethwa eNaturena.
UBlom udlale umdlalo wakhe wokuqala kowaMaZulu, waphuma ekuqaleni kwesiwombe sesibili indawo yakhe yathathwa ngu-Edson Castillo.
Lokhu kukhomba ukuthi uMthethwa usebanga ijezi noCastillo noBlom kule ndawo yasenkabeni yenkundla, nokubhekwe ngabomvu ukuthi ngubani ozoqala umdlalo phakathi kwabo emdlalweni wePremiership neMamelodi Sundowns, eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.