UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi nakuba eqala ukuba yingxenye yomqhudelwano weCaf Champions League kule sizini kodwa usenalo ulwazi oluthile ngebhola lase-Afrika futhi okuningi uzokufunda ngendlela.
AmaBhakabhaka adlulele emzuliswaneni wesibili wokuhlungela amaqoqo alo mqhudelwano exebula iDjabal FC ngo 3-0 e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu. Abesevele elithele phansi ngo 1-0 leli qembu laseComoros ekuhambeni emlenzeni wokuqala.
Ngesikhathi uRiveiro ethatha izintambo kwezikaMagebhula ngaphambi kwesizini ka-2022/23, bezingekho emiqhudelwaneni yeCaf kodwa uzibuyiselile ngokuzibeka endaweni yesibili kwiDStv Premiership ngesizini edlule.
“Ngike ngasho ukuthi ngeke kube umqondo ophusile ukukhuluma ngebhola lase-Afrika (Caf) engathi ngiwungoti ngoba angiyena. Ngibe naso isikhathi sokucosha okuthile ngalo mqhudelwano, hhayi okwenzeka enkundleni kuphela kodwa nangaphandle,” kusho uRiveiro.
“Benginalo ulwazi kodwa kukhona nokusha esengikufundile. Kufanele ngigxile ekutheni ngingabasiza kanjani abadlali bami ukuthi bathuthuke, ngingabheki kakhulu okungenzeka ngaphandle komdlalo.
“Lokho akubalulekile kimina kuphela njengomqeqeshi kodwa eqenjini lonke. Kufanele sigxile ezintweni esithanda ukuzenza, okuwukudlala ibhola ngendlela esikwazi ngayo.”
EZimnyama sezizodudulana neJwaneng Galaxy emzuliswaneni olandelayo ngemuva kokuthi leli qembu laseBotswana lishaye iVipers yase-Uganda ngo 3-2 sekuhlanganiswe imilenze yomibili.
URiveiro ugcizelele ubumqoka bokumelana nezimo ezahlukene njengento ezosiza iqembu lakhe livelele kulo mqhudelwano.
“Kumele sibe nomqondo ofanele ngoba ngicabanga ukuthi lo mqhudelwano udinga umqondo owehlukile. Ibhola alihlukile kakhulu uma uliqhathanisa neligi yasekhaya kodwa kukhona okungafani,” usho kanje.
“Inkundla izohlale iwulawula umdlalo. Sithole inkundla eqinile futhi eyomile ngesikhathi sidlala eComoros futhi bekunzima ukuphasa ibhola kodwa ekugcineni kufanele ujwayele izimo ezihlukene.
“Izinhlobo zonompempe azifani futhi. Kunezinto okumele ngizifunde kodwa ngicabanga ukuthi ukuqina ngokomqondo kudlala indima enkulu. Ngiyaqala ngqa ukuba phakathi emqhudelwaneni weCaf kodwa bengiyilandela ngesizini edlule, yize besingadlali.
“Manje sesinethuba lokuthola ulwazi oluthe xaxa futhi ngikubheke ngabomvu ukukhula nabafana neqembu.”
ISundowns, ebingelinye lamaqembu angadlalanga emzuliswaneni wokuqala wokuhlunga, isizobhekana neBumamuru FC kowesibili ngemuva kokuthi leli qembu laseBurundi likhiphe iCentre Sportif de Bendje yaseGabon ngo 6-2 uma kuhlanganiswa imilenze yomibili
KwiCaf Confederation Cup, iSekhukhune United idlulele emzuliswaneni wesibili wokuhlungela amaqoqo, ingazange ilubhade enkundleni kulandela ukuhoxa kweYoung Buffaloes yase-Eswatini.
Isizobhekana noSaint-Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo emzuliswaneni olandelayo.
ISuperSport United izoqala lo mqhudelwano neqembu elizonqoba phakathi kweGaborone United yaseBotswana ne-Elgeco Plus yaseMadagascar.