UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro uphika ukuthi bashaywe iRichards Bay ngoba bethuswa izigi zeStellenbosch ababanga nayo indawo yesibili kwi-log yeDStv Premiership.
Ngempelasonto edlule eZimnyama ziphoxe abalandeli bazo zihlulwa iBay ngo-1-0 wegoli likaSanele Barnes. Ngaphambi kwalo mdlalo iningi belizitshela ukuthi zizozidlela amahlanga kuleli qembu elilwela ukubalekela izembe kwiPremiership.
Bese kuphele imidlalo eyisikhombisa zinqoba kulandelana. Okududuze izinhliziyo zabePirates ukuthi iStellenbosch abajahana naso endaweni yesibili, naso sishaywe iMoroka Swallows ngo 2-0.
Ukuhluleka ukunqoba kwePirates kusho ukuthi iStellies sisabambe indawo yesibili ngamaphuzu awu-50, emidlalweni ewu-28. IBhakabhaka likweyesithathu ngamaphuzu awu-49, esibalweni semidlalo efanayo.
Ukube linqobile ngabe yilona elihleli kule ndawo ephethe ithikithi leCaf Champions League.
Kubukeka iPirates ithwala kanzima uma ibhekene namaRich Boys acijwa uVusumuzi " Kanu" Vilakazi obambisene noRonnie Gabriel. Emlenzeni wokuqala ayikho eyafuna ukugoba uphondo.
URiveiro ulincomile ibhola elidlalwe abafana bakhe nakuba behluliwe. Ukuphikile ukuthi ukuhlala kweStellies endaweni yesibili yiko okubafake amanzi emadolweni, bagcina beshaywa iBay.
"Siye kulo mdlalo singenayo nencane ingcindezi. Uma sidlala kasinaki amanye amaqembu ukuthi enza kanjani. Sinaka izindaba zethu. Sidlale kahle kakhulu emdlalweni weBay.
“Sibulawe ukuthi asizange silithole igoli, okwelekelelwe wuukutatazela obekudalwa yintshisekelo yokufuna igoli ngenkani,“ kusho uRiveiro.
Uthe baye kulo mdlalo bekuqonda ukuthi kufanele bayinqobe yonke imidlalo ebasalele, kodwa ngebhadi bakhale ngaphansi kwiBay.
Uveze nokuthi bebengeyona inhlakanhlaka, yiko nje ukuthi esiwombeni sesibili bazame indlela ehlukile yokudlala. Kuzomele babatshengise abadlali babo ukuthi akonakele, kodwa badlale kahle kakhulu.
Umehluko uthe wukuthi namhlanje abashayanga goli njengoba bebenza emidlalweni edlule. Bebenomdlandla oyisimanga wokunqoba abafana bakhe, yikulo mdlalo lapho kubaleke khona inhlanhla.
URiveiro uyincome kakhulu iBay ngebhola elidlalile, bonke balwela izinto ezingefani futhi zingalingani kodwa ezibalulekile zonke.
IBay beyilwela ukuvika izembe. Njengoba kunzima kubona nasezitheni zabo bekungesifanayo.
Uthe ngeke alilahle ithemba lokuqeda endaweni ezobafaka kwiChampions League. Bazolwa kuze kube sekugcineni.
"NgoMgqibelo siya komunye wamanqamu, eMbombela Stadium neTS Galaxy. Sizophinde sidlale komunye wamanqamu neSuperSport United. “Ngesizini ezayo sifuna ukudlala kwiChampions League. Okwamanje iStellenbosch yisona esisendaweni yabo.
“Nakuba kunjalo sizolwa kuze kube sekugcineni. Umphumela esiwuthole kwiBay ngeke usiphazamise kangako. Ngangishilo vele ukuthi imidlalo emibili (yokugcina) yiyona ezocacisa okuningi. Sizolwa kuze kube sekugcineni," kubeka uRiveiro.