AKABONI kuyinkinga ukuthi amagoli aqhamuka kubadlali abehlukene eqenjini lakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
Ezimnyama zizotholana phezulu neSuperSport United kuma-quarterfinal eNedbank Cup e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, namuhla ngo-3 ntambama.
Emidlalweni engu-10 edlule iqembu likaRiveiro lishaye amagoli angu-17. UTshegofatso Mabasa, ojwayele ukuqala imidlalo, uyena kuphela umgadli obhakuzise inethi kule midlalo, eshaya amagoli ayisithupha.
U-Evidence Makgopa, osejwayele ukungena esiwombeni sesibili, wagcina ukulibeka enethini ngoDisemba nyakenye emdlalweni weCaf Champions League neStade d’ Abidjan.
Inqwaba yamagoli iqhamuke kubadlali abaqhamuka esiswini okubalwa kubona uRelebohile Mofokeng, Patrick Maswanganyi, Deon Hotto, Makhehleni Makhaula nabanye.
Emdlalweni wakamuva weBetway Premiership neChippa United, ezikaRiveiro ziwezwe yigoli elingqomfwe yisitobha, uNkosinathi Sibisi, zanqoba ngo 1-0.
Noma kunjalo, lo mqeqeshi odabuka eSpain uthe into ayibheke kakhulu ukuthi bayawakha yini amathuba, nokuthi ibhola liphelela enethini.
“Angiyiboni inkinga. Noma yimuphi umdlali unelungelo lokushaya igoli. Ziningi izindlela zokuthola amagoli, amanye aqhamuka kuma-freekick nakumakhona,” kusho uRiveiro.
“Uma sishaya ama-freekick namakhona sijwayele ukubheka abadlali abade ebhokisini kodwa kuyenzeka ibhola litholwe abanye. UGoodman Mosele akekho mude kodwa usanda kushaya igoli eliqhamuke ngekhona.
“UTshego (Mabasa) uyawashaya amagoli. Okusemqoka ukuthhi sishaye amagoli angaphezu kweqembu esisuke sidlala nalo. Amathuba siyawakha futhi kwesinye lawa angcono atholwa abadlali abaqhamuka ezinhlangothini.
“Sekunzima ukushaya amagoli kulesi sikhthi sezini ngoba wonke amaqembu alwela izinhloso zawo, angikholwa ukuthi sinenkinga.”
URiveiro uthe inhloso yeqembu lakhe njengamanje ukudlulela kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup, okuyindebe abazama ukuyinqoba okwesithathu kulandelana.
“Kusemqoka kakhulu kithina ukuthi senze kahle kuyona yonke imiqhudelwano esidlala kuyona. Asizikhohlisi. Siyazi ukuthi kunzima kangakanani ukufinyelela kowamanqamu kuyona yonke imiqhudelwano,” usho kanje.
“Sisekuma-quarterfinal, ngakho-ke kusesekuseni kakhulu ukuthi singaqala sikhulume ngomdlalo wamanqamu noma ngendebe. Siyazi ukuthi umdlalo olandelayo uzokuba nzima kangakanani futhi sizozama ukuba sezingeni elizodingeka ukuze siwunqobe.”
IPirates yaguqisa iSuperSport ngo 3-1 kuma-quarterfinal eMTN 8 ngasekuqaleni kwale sizini kodwa ngesikhathi ehlangana kulesi sigaba salo mqhudelwano ngo-2018 kwadlula amaMatsatsantsa sekukhahlelwa amaphenathi.
Ngesikhathi la maqembu egcina ukuhlangana koweNedbank Cup kwakungowamanqamu owadlalelwa eMoses Mabhida Stadium ngo-2017, lapho iSuperSport yabhudluza khona iPirates ngo 4-1.