USOLE abadlali bakhe ngokungakhombisi izinga labo eliphezulu ngesikhathi beshaywa yiTS Galaxy ngo 1-0 koweDStv Premiership eMbombela Stadium ngoMgqibelo ntambama umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
AmaBhakabhaka aye kulo mdlalo efuna ukuvuselela amathuba awo okuqeda endaweni yesibili kwi-log, okuhambisana nokuzibekisela indawo kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
Aphinde alimosha ithuba ngesikhathi uSphiwe Mahlangu eshaya igoli lokubika esiwombeni sesibili, iRockets yemuka namaphuzu amathathu.
IStellenbosch FC esahleli endaweni yesibili, nayo ayikwazanga ukunweba igebe phakathi kwayo nezikaMagebhula njengoba ishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 e-Athlone Stadium.
Njengoba kunje, iqembu likaSteve Barker lisendaweni yesibili ngamaphuzu angu-50 emuva kwemidlalo engu-29, bese iPirates iba namaphuzu angu-49 emidlalweni elinganayo. IPirates ibisishaywa okwesibili kulandelana emidlalweni yeligi.
“Ngake ngasho ukuthi ngiyakwamukela ukuhlulwa kodwa hhayi ngoba iqembu osuke udlala nalo lizimisele futhi lilwa ukwedlula wena. Singakhuluma ngokuthi badlale ibhola elingcono kodwa akumele kukhulunywe ngokuzimisela,” kusho uRiveiro exoxa neSuperSport ngemuva komdlalo.
“Ukuzimisela yinto okumele ihlale ikhona kodwa kulo besingekho ezingeni ebelidingeka. Sisenalo ithuba kodwa kufanele sicabangisise ngokujulile ukuthi sifuna kangakanani ukungena kwiChampions League, uma kungenjalo ngeke kwenzeke.”
Kwenye ingxoxo nabezindaba ngemuva komdlalo, lo mqeqeshi odabuka eSpain, uthe ngeke akwamukele ukuthi abadlali bakhathele njengoba isizini isizophela.
Uthe kufanele abadlali nethimba labaqeqeshi bathole isu lokuthi bazowunqoba kanjani umdlalo wokugcina weligi ukuze bazibeke ethubeni lokudlula iStellies kwi-log.
Izinto azisekho ezandleni zePirates njengoba iqembu likaBarker lizokwazi ukuqeda endaweni yesibili uma liwunqoba umdlalo walo wokugcina. Uma kwenzeka lihluleka ukuqoqa amaphuzu aphelele, yilapho lizovulela khona amaBhakabhaka intuba yokunyukela endaweni yesibili.
Iqembu likaRiveiro lizosonga eyeligi ngokubhekana neSuperSport United e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama. AmaTsatsantsa asemaqenjini alwela ukuqeda endaweni yesine kwi-log.
IStellies izodlala owokugcina wesizini ekuhambeni neRichards Bay FC. INatal Rich Boyz esalwela ukugwema ukudlala eyokuhlungela ukugijima esigabeni esiphezulu ngesizini ezayo.
“Awukwazi ukukhathala uma udlala lolu hlobo lomdlalo, uma udlalela into enkulu njengokufaka iPirates kwiChampions League. Azikho izaba ezingabekwa. Sonke sidinga ukwenza okungcono ukuze siqinisekise ukuthi siyayithatha indawo yesibili.
“Umdlalo esizowudlala neSuperSport mkhulu kodwa sidinga ukuwunqoba bese sibheka ukuthi iStellenbosch yenzani. Uma iba nosuku oluhle izozifaka kwiChampions League futhi kuzobe kuyifanele lokho,” kuphetha uRiveiro.