AKEKHO umdlali okungelakhe ijezi kwi-Orlando Pirates kepha bonke bakuqonda ngokulinganayo ukuthi banendima okufanele bayikhathule ngokwahlukana kwabo uma bedingeka.
Lawa amazwi omqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, awatshele abezindaba abenesithangami nabo kulandela ukuqoqa kwayo amaphuzu amathathu eBetway Premiership kwiPolokwane City ngoLwesibili, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Iwini yePirates ka 3-0 kwiPolokwane bekungeyesithathu kulandelana kusukela kuqale isizini. NakwiCaf Champions League yenza kahle kwazise isizifake kweyamaqoqo kuyona.
Okuqapheleka ngale miphumela emihle yePirates ukuthi amagoli kumbe ukwakhiwa kwawo kuqhamuke nabadlali abebesuka ebhentshini kuyona yonke.
Nakuba uRiveiro engafuni ukuthi iPirates ijwayele ukuwina ngemizuzu yokugcina kodwa kumjabulisa kakhulu ukuthi abadlali abasuka ebhentshini bamphathisa ngekhanda elimnandi.
Kube ubuqhawe, buka-Evidence Makgopa, obesanda kungena obuweze iPirates ngokuyishayela amagoli amabili ngemizuzu yokugcina yomdlalo.
Ukufaka isandla kukaMakgopa nabanye abasuka ebhentshini kuyamjabulisa uRiveiro. Uthe kutshela nalaba abaqala imidlalo ukuthi akukona ukuthi ijezi elabo kepha bakhathula indima abasuke benikwe yona.
“Sihamba ngomzila okahle ngoba nabasuka ebhentshini bakhombisa izimpawu zokuzimisela ukufela iqembu kungakhathelekile noma badlala umzuzu owodwa noma emibili,” kusho uRiveiro.
“Lokhu kuzosiza thina ngoba nalaba abaqala imidlalo bazokwazi ukuthi ijezi akulona elabo kepha lisekubona ngoba benza kahle kulezi zinsuku,” kusho uRiveiro.
Lo mqeqeshi odabuka kwelaseSpain uphinde washumayela ivangeli lokubaluleka kokuzigcina kwamhlaba.
“Ngesizini edlule siqale ngebatha. Lokhu kusiphoqe ukuthi sishintshe ukuqalaza. Ngineme ngendlela esiqale ngayo kulokhu kodwa ngeke sisizakale uma sizobuye siwudedele umgqigqo.
“Iqiniso ukuthi yonke imidlalo inzima ingakho kumqoka ukuyithatha ngaleyo ndlela yonke. Umuntu ozobona umphumela wethu nePolokwane angazitshela ukuthi besizenzela kodwa lokhu akulona iqiniso.
“Ukuqala kwethu kahle kwenza namanye amaqembu abhukule uma ezobhekana nathi okuzokwenza ibenzima yonke imidlalo yethu kule sizini,” kusho uRiveiro.
NgeSonto iPirates esiyinqobe yomibili imidlalo yeligi, izobuyela enkundleni kweyePremiership, ivakashele iRichards Bay FC eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngo-3 ntambama.
Izobe isiyodlala owamanqamu eMTN8 neStellenbosch ngo-Okthoba 5, eMoses Mabhida Stadium ngo-6 ntambama.