INHLOKO yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ihlanze iqiniso ngesinqumo sethimba layo sokuqhubeka nokudlalisa uKhuliso Mudau emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo, ekubeni bekusobala ukuthi lo mdlali wasemuva ulimele.
ISundowns ikhale ngaphansi ngo 2-1 wamagoli, okube yiphenathi kaPatrick “Tito” Maswanganyi noRelebogile Mofokeng alishaye seliyoshona, abecisha elikaThemba “Mshishi” Zwane obebeke iSundowns phambili kulo mdlalo obuseMbombela Stadium, eMpumalanga.
Umdlalo usanda kuqala, uMudau utholele iSundowns iphenathi osekungumlando ukuthi ithathwe nguLucas Ribeiro, wayivimba uSipho Chaine, obesezintini zeBucs.
Ekutholeni leyo phenathi, uMudau oseqenjini lesizwe iBafana Bafana elizodlala neNigeria ngoLwesihlanu kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba, uthinteke ehlombe.
Kudlule imizuzu embalwa uMudau eqhubeka nokudlala kodwa kusobala ukuthi ingalo useyigodlile.
Kunezikhathi lapho ebebokala khona ezicelela ukukhishwa kodwa ibhentshi leSundowns limzibe. Kunalokho kubonakale (kwithelevishini) bemphuzisa amaphilini, base bemubhandisha.
UMudau ugcine ewudlala wonke umdlalo kodwa kusobala ukuthi uyathunakala uma eqhubeka nokunyakazisa ihlombe. Osekubhekiwe manje wukuthi ngabe uzokwazi yini nokuqhubeka neBafana uma isihlangana ukuzoqala amalungiselelo omdlalo weNigeria.
Esithangamini nabezindaba emuva komdlalo, uMokwena ubuziwe ngalesi sinqumo waqoma ukushaya ngamafuphi.
“Besimdinga kakhulu futhi besingeke sikwazi ukumkhipha ngoba izinhlelo zethu bezihamba kahle ngenxa yendlela abedlala ngayo,” kusho uMokwena.
“USailor (Mudau) uwumdlali omqoka kakhulu kangangokuthi nephenathi (esiyigejile) siyithole ngenxa yobuhlakani bakhe.
“Akukho okunye ngaphandle kokuthi ubedingeka ngale ndlela yokuthi besingeke sikwazi ukwenza ngenye indlela.
“Ngesikhathi sekhefu ngimbuzile ukuthi uzizwa enjani, wathi usengaqhubeka nangempela kwenzeka kanjalo,” kuqhuba uMokwena.
UMokwena uphinde wabalisa ngokufakwa unondweba umunwe esweni.
Nakuba umdlalo ubuhlabahlosile kwazise womabili amaqembu akhombise zisuka ukuthi abezeleni kuwona kodwa nangezigemegeme ubungashodi ngazo.
Unondweba obewuphethe, uSikhumbuzo Gasa, ubeke amaphenathi amabili ngokwahlukana kweziwombe.
“Kuzoba sengathi ngicasha ngesithupha kodwa iqiniso elimsulwa ukuthi iphenathi abanikwe yona bekungafanele ngoba odlaliswe kabi umdlali weSundowns,” kusho uMokwena.
“Izinqumo eziningi ezimqoka azizange zisivune kulo mdlalo njengokudlaliswa kabi kuphindelelwa kukaMarcello (Allende) noBongani (Zungu), ekubeni noMosa (Lebusa), eshaywe kaningi kodwa kungahlawuliswa muntu,” kuqhuba yena.
Ukwamukele nokho ukuthi kufanele abongele iPirates ngokuwina.
“Abadlali bengibatshelile ukuthi imidlalo yamanqamu inendlela yayo yokukhipha imiphumela.
“Besingcono ngayo yonke indlela kunePirates kodwa iyona engompetha ngakho-ke ngiyayibongela ngokusivikela ngempumelelo isicoco sayo,” kuphetha uMokwena.