UKUBA semehlweni omqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, kube nomthelela omkhulu ekutheni umgadli weStellenbosch FC, u-Iqraam Rayners, abalwe nabagadli abebevutha amalangabi ngokuhlohlwa kwamagoli kwiDStv Premiership ngesizini edlule.
Lokhu kushiwo ilo mgadli olale isibili embangweni wesicathulo segolide kwiligi ngesikhathi kuqala ikhempu yeBafana yemidlalo emibili emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 neNigeria neZimbabwe ekuhambeni nasekhaya ngokwahlukana.
URayners ogcine eshaye amagoli awu-15 kwiligi, ungomunye wabadlali okubhekwe lukhulu kubona ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku uma iBafana isidudulana neNigeria koka-Group C eGodswill Akpabio Stadium, e-Uyo.
Emuva koweNigeria, iBafana izobhekana neZimbabwe, eFree State Stadium ngoLwesibili oluzayo.
Leli qembu lesizwe elifulathele elakuleli izolo lilwela okungenani iphuzu eNigeria ukuze bezothi befika koweZimbabwe babe behambela phezulu.
Lokhu kushiwo uBroos obekhuluma esithangamini esifanayo nalesi obekuphawula kusona uRayners.
IBafana isendaweni yesibili kwi-log ka-Group C ngamaphuzu amathathu. Ilandela iRwanda eqhwakele ngamaphuzu amane.
INigeria eqale eyokuhlunga ngokucazelana ngamaphuzu kwemibili, isemhlane weBafana ngamaphuzu amabili.
Ngokusho kukaRayners ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eDobsonville Stadium ekuqaleni kwesonto, ukulala kwakhe emhlane kaTshegofatso Mabasa (oshaye amagoli awu-16), we-Orlando Pirates embangweni wokuhlohla amagoli, kudalwe ukwazi ukuthi iso likaBroos lihleli kuyena.
“Sonke singabadlali siphupha ngokumela izwe lethu koweNdebe yoMhlaba ngakho-ke ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngifihla injabulo yami ngokuba ingxenye yeqembu lesizwe elilwela ukuzibekisela indawo kulo mqhudelwano,” kusho uRayners.
IBafana izama ukuzibekisela indawo koweNdebe yoMhlaba ka-2026 ezosingathwa ngokuhlanganyela i-United States of America (USA), Canada naseMexico.
“Ngizizwe ngihloniphekile ngesikhathi ngibizelwa ikhempu edlule (edlale eyobungani kwelase-Algeria maphakathi noMashi), ngoba lokhu bekungikhumbuza ukuthi kukhona ababuka lokhu engikwenzayo.
“Ukwazi ukuthi ngisemehlweni kaBroos negoli engilishaye e-Algeria kube nomkhulu umthelela endleleni engigcine ngiqeda ngayo isizini.
“Nakulokhu ngizimisele ukusiza iBafana ibhincisele nxanye iNigeria ngoba leli qembu lesizwe esiyobhekanab nalo lingelinye lami endleleni yethu ebheke koweNdebe yoMhlaba engiphupha ngokubhakuzisa inethi kuyona,” kuphetha uRayners.