AYANDA amahlebezi okuthi umqondisi webhola lombhoxo kuleli, uRassie Erasmus, uzophinde abambe izintambo eqenjini lesizwe lombhoxo labesilisa kulandela ukushiya komqeqeshi uJacques Nienaber.
U-Erasmus wayengumqeqeshi wamaBhokobhoko ngesikhathi enqoba iNdebe yoMhlaba eJapan ngo-2019, kulandela ukuthatha kwakhe lesi sikhundla ngo-2018. Ngemuva kwalowo mqhudelwano, ube esegxila esikhundleni sakhe njengomqondisi ophethe wonke amaqembu esizwe nokuthuthukiswa kombhoxo kuleli.
UNienaber, owayeyiphini lakhe, ube esenikwa umsebenzi wokuba yinhloko yabaqeqeshi bamaBhokobhoko.
U-Erasmus no-Nienaber baqala ukusebenza ndawonye ngo-2005, ngesikhathi besiza ama-Cheetahs ukuthi adle isicoco seCurrie Cup. Baphinde basebenza ndawonye kumaStormers nakwiMunster yase-Ireland, ngaphambi kokubuyela kuleli ukuzocija iqembu lesizwe.
UNienaber umemezele ngo-Ephreli ukuthi uzowashiya amaBhokobhoko ngemuva kweNdebe yoMhlaba esanda kuphela eFrance, aye kocija elinye iqembu lase-Ireland, iLeinster. Ushiye iqembu lesizwe ngendlela ecokeme ngokulisiza livikele iNdebe yoMhlaba lihlula iNew Zealand kowamanqamu ngenyanga edlule.
AmaBhokobhoko aqede uhambo lwawo lokujikeleza nendebe emadolobheni amane amakhulu akuleli ngeSonto. Aqine ngalolo suku amahlebezi okuthi u-Erasmus uzophindela ekuqeqesheni leli qembu.
Nakuba u-Erasmus aziphonsa kuNienaber izintambo ngo-2020, ubelokhu esondelene neqembu lesizwe kanti kwesinye isikhathi ubebonakala eduze kwenkundla ephathele abadlali amanzi. Waziwa njengosomaqhinga ohlale ebheke ukuzama izinto ezintsha njengokusebenzisa amalambu ukuxhumana nalabo abasenkundleni.
Useke wazifaka nasobishini njengoba kwavela i-video yakhe egxeka unompempe owayephethe umdlalo wamaBhokobhoko nama-British and Irish Lions ngo-2021, uNic Berry.
Lokho kwaholela ekutheni amiswe izinyanga ezimbili yinhlangano eyengamele ibhola lombhoxo emhlabeni, iWorld Rugby. Ngo-2022, wamiswa imidlalo emibili ngemuva kokugxeka onompempe ebhala ekhasini lakhe enkundlleni yokuxhumana iTwitter.
Inhlangano ephethe ibhola lombhoxo kuleli, i-SA Rugby, ibingakasho lutho mayelana nomuntu ozothatha isikhundla sikaNienaber.
Ngaphandle kukaNienaber, amaBhokobhoko aphinde alahlekelwa ngomunye umqeqeshi, uFelix Jones, ozojoyina iqembu lesizwe lase-England. Lo mqeqeshi ubebhekene nokuthuthukisa indlela amaBhokobhoko ahlasela ngayo.
Abanye abayingxenye yethimba labaqeqeshi bamaBhokobhoko, uMzwandile Stick, Deon Davids noDaan Human, kulindeleke ukuthi baqhubeke njengoba belula izinkontileka zabo neSA Rugby.
AmaBhokobhoko azobuyela enkundleni uma esedlala imidlalo emibili ne-Ireland ngoJulayi wonyaka ozayo.